
Kunkanise amaphoyisa eNIU ngaphandle komuzi kaLt-Gen Mkhwanazi
Akusasondeli ngisho nekati eduze komuzi kaLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi osendaweni labandla izambane likapondo eThekwini.
Abazibonele ngo “see” bathi kunkanise amaphoyisa ophiko lweNational Intervention Unit (NIU) kulo muzi ongaphansi kwahulumeni.
Lokhu kugadwa komuzi kaMkhwanazi kuza emuva kokudedela kwakhe amabhomu ngamaphoyisa aphezulu okuhlanganisa uShadrack Sibiya noNgqongqoshe uSenzo Mchunu.
ematanisa uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uSenzo Mchunu nezenzo nobugebengu.
Umsola nalabo asondelene nabo ngokuba mdibi munye nezigebengu.
Akusikho kuphela lokhu okukhulunywe uMkhwanazi, uphinde walitheza phezulu eveza ukuthi kunetulo lokuketuka uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uFanie Masemola.
UMkhwanazi utshele abezindaba ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMchunu wayalela u-Lt. Sibiya osehhovisi lamaPhoyisa kuzwelonke ukuthi ahlakaze uphiko oluphenya ukubulawa kosopolitiki (Political Task Team).
Uthi wakwenza lokhu ngaphandle kokwazisa uKhomishane kazwelonke, u-General Fani Masemola.
Naye imbala uMkhwanazi njengoKhomishane esifundazweni lapho lolu phiko lwasungulwa khona ngo-2018 wangaziswa.
Uthi uMchunu ufake osomabhizinisi bamathenda emsebenzini wamaphoyisa.
Uzeve nokuthi ukulungele ukufa makumele afe kodwa uzolwa kuze kube sekugcineni.
ITimes Live iveze ukuthi kumangale nosomabhazinisi onendawo yokulala iB&B esemgwaqweni owodwa noMkhwanazi ebona amaphoyisa egcwele emgwaqeni.
“Ngikhulumile namaphoyisa ngoba ezinye zezimoto zabo bezipake eduze komgwaqo. Nokho babe manqika ukuphumela obala ngokuthelekala kwabo kungazelele muntu. Kunalokho bangibuze ukuthi angeneme yini ukuzibona ngivikelekile,” besho sakuntela.
Phakathi kwezimoto okuthiwa zikake umuzi kaMkhwanazi kubalwa amaVW Golf 7 nezinye ezinkulu zohlobo lweSUV.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



