Ezezimoto

ISuzuki Dzire idida abaningi nges’tayela nogazi emgaqweni

Sihle Mkhize

Kulokhu ngithole ithuba eligqayizivele lokuvivinya intandokazi kwabaningi iSuzuki Dzire.

Le ebengiyivivinya eyohlobo lweGL+ ephuma necruise control okuyinto eyenza yehluke kwiSwift.

Okugqamile ngayo uma uqhathanisa nalezi esingike ngazivinya ukuthi iyonga kuphethroli ngebanga lika-100km icaphuna kuphela amalitha angu-4 kuya ku 5.9 kaphethroli kuye ngokuthi ugijima kangakanani.

Amagiya aya phambili mahlanu kanti ashintsheka kalula.

Uma ungununtu ongaziqapheli izimoto ungaze uthi iSuzuki Dzire imoto eyodwa neSuzuki Swift kanti cha kodwa ezomndeni owodwa.

Okuyenza isondelane neSwift ukuthi zisebenzisa injini efanayo engu 1.2 litre 3 cylinder ekhiqiza amandla afinyelela ku-60kW netorque engu-112Nm.

Ngokwesizukulwane somndeni wakwaSuzuki, iDzire umaqala emndenini kusuka ngo-2014 yethulwa emakethe eNingizimu Afrika.

Asiphinde sikuveze futhi ukuthi le esibhala ngayo yethulwe ngoMay kuleli, kwaSuzuki Auto South Africa balinyusile izinga ngalolu hlobo olusha.

Umlando omfishane uzeva ukuthi lapho ikhiqizwa khona e-India yethulwa okokuqala ngo-2008.

Idayiswe kakhulu esigabeni ekuso (India’s best selling compact sedan).

Ukukhombisa ukuthi iyintandokazi kubantu sekudayiswe amaSuzuki Dzire efinyelela ku-3 million emhlabeni jikelele.

Imbangi enkulu yeDzire, iHonda Amaze neHyundai Grand i10 Sedan neKia Pegas ephikwa izibalo.

Yize incanyana njengoba bethi yicompact sedan kodwa akuyona imoto ongathi eyabantu abasesigabeni esithile sempilo.

Lokhu kubonakala nangesibalo samaDzire emgwaqeni nabanikazi abahlukahlukene ngeminyaka nangezinga.

Iphuma nescreen esisha okuyi touchscreen ngaphambili, ikhamera ekukhombisayo uma uhlehla, icruise control, wireless carplay, izibuko ezisebenza ngogesi.

Bayishintshe kakhulu kunalena endala, ushinto olukhulu lungaphandle. Kusuka kumalambu angaphambili akake uphawu lweSuzuki phakathi nendawo.

Ngemuva kunamalambu eLED okuyinika lowo muzwa wokubukeka njengemoto eyiSporty, ungaze udideke ebusuku uthi iBWM.

Amasondo angu-15 inch ahambisana nerimu lakhona elimnyama nalo elizishaya saSporty.

Imibala eyisikhombisa bayixube ngendlela kusuka ku-Alluring Blue Pearl Metallic, Gallant Red Pearl Metallic, Nutmeg Brown Pearl Metallic, Arctic White Pearl, Splendid Silver Pearl Metallic, Magma Gray Metallic kuya kuBluish Black Pearl.

Intengo

Iphuma newarranty yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika-200 000km kanye ne-service plan yeminyaka eine okanye ibanga lika-60 000km

Suzuki Dzire 1.2 GA 5MT R 224 900

Suzuki DZire 1.2 GL+ 5MT R 246 900

Suzuki DZire 1.2

GL+ CVT R 266 900

Related Articles

Back to top button