
Isibusiso kwisilomo somsakazi eseneminyaka (50)
Morgan Ngwazi
Umsakazi weRadio 2000 uDavid Mashabela usephenduke ubaba okokuqala ngqa eneminyaka engu-50 ubudala.
UMashabela usakaza uhlelo iRoyal Showground kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu phakathi kwa-12 kuya ku-3 ntambama.
Engxoxweni abe nayo noMbuyiseni Ndlozi uveze ukuthi ube ngubaba okokuqala ezinyangeni ezimbili ezedlule.
“Umama ubecabanga ukuthi kukhona okungalungile ngami. Akazange angitshele, kodwa watshela kunalokho wayetshela wonke umuntu”
“Empeleni kwakungekho lutho olubi ngami. Kwaba yisinqumo sami nje. Umshini usasebenza kahle”
Uma kuthiwa angisenzanga lesi sinqumo, ngabe ngizingane eziyikhulu ekupheleni konyaka. Uma ngenza leso sinqumo. Ngavele ngakhetha ukungabi uvanzi” kusho uMashabela.
Uthe nakuba engazange alahlekelwe wubudlelwano ngenxa yesimo sakhe, ube nezinkinga eziningi ngoba ubengazimisele ngokuzinza ngaphambi kokufeza izinhloso zakhe.
UDavid uqhube wathi ukuba nengane esencane bekuzophazamisa izinhlelo zakhe zempilo nomsebenzi wakhe.
UMashabele uphinde wavuma ukuthi wayelinde ukwenza isiqiniseko sokuthi umi kahle ngokwezimali ukuze uma aletha umntwana emhlabeni angahlupheki.



