Izindaba

Ingebhe ngekhadi lakwaSassa eliphelelwa isikhathi

IKOMIDI elibhekele ezokuThuthukiswa komphakathi ePhalamende lidalule ukuthi uhulumeni angase aphoqeleke ukuthi ashintshe ukwenza.

Lokhu kumayelana nokwengeza isikhathi sokuvuselelwa kwekhadi lokuhola imali yesibonelelo sakwa South African Social Security Agency (SASSA).

Kuzokhumbuleka ukuthi abaningi bayibiza ngemali yeqolo imali eholwa kwaSASSA.

Leli khadi elikwazi ukukhipha imali kuma-ATM amabhange ahlukene nasezitolo, lizophelelwa isikhathi ekupheleni kwenyanga kaFebhuwari.

Lokhu ke kusho ukuthi uma unaleli khadi elinombala osagolide ngeke usakwazi ukuthola lemali yesibonelelo uma sekudlule leskhathi.

Amalunga ePhalamende athi izindawo ezihlelelwe ukushintsha lamakhadi, zigcwele ngokweqile kanti azinabo abasebenzi abanele nabanolwazi.

Lokhu kuzokwenza ukuthi kushaye usuku lomnqamlajuqu inqwaba yabantu isanama khadi amadala.

Oyilungu lekomidi ePhalende uDereleena James uthi uhulumeni kusazomele ayibhekisise eyalo nqamlajuqu ngoba inqwaba yezibonelelo isengcupheni.

Iqembu leDemocratic Alliance (DA) eWestern Cape selihlabe ikhwelo kubahlali bakulesi sifundazwe ukuthi bashintshe amakhadi.

Babalelwa ku1.2 abantu abathembele kwi (SASSA) kulesi sifundazwe sisodwa.

Related Articles

Back to top button