Ezemidlalo

IKaizer Chiefs izochitha inqwaba yabadlali abanegama

IKaizer Chiefs ingase ihlukane nabadlali abangu-10 ekupheleni kwesizini eqhubekayo njengamanje.

Izihlabani eziyisishagalombili ezinegama kubikwa ukuthi zisendleleni ephumayo eNaturena.

Abadlali abayisikhombisa bazophelelwa yizinkontileka ekupheleni kwesizini kanti leli qembu alikayithi vu eyokuvuselela.

Ukaputeni weqembu u-Itumeleng Khune, uNjabulo Ngcobo, uHappy Mashiane, umakadebona uSifiso Hlanti, uSiyethemba Sithebe, uGeorge Matlou noJasond Gonzalez kungenzeka bakhululwe.

Okungangabazeki kubo ukuthi uzodedelwa uGonzalez njengoba evele ebolekiwe kanti uhlulekile wukuziveza njengomgadli ongalisiza leli qembu.

Emidlalweni engu-12 asebonakale kuyo, lo mdali waseColombia akakwazanga ukuyibhakuzisa nakanye inethi.

Mancane kakhulu amathuba okuthi nabanye abaningi kulaba esibabalile bahlale kuleli qembu okulindeleke izinguquko ezinqala kulo.

UKeagan Dolly naye angase ahambe njengoba kuvela ukuthi umholo wakhe usuyazwela emaphaketheni eqembu.

Nokho kunombono wokuthi angase aqhubeke, kube nguye ukaputeni wekilabhu, asize ukwamukela abadlali abasha.

Ngaphezu kwalaba, kuvela ukuthi kunabadlali abasebancane abangase babolekiswe kwamanye amaqembu ukuyoqiniswa ukhakhayi.

Umdlali oneminyaka engu-24, uSabelo Radebe noSamkelo Zwane ona-22, bangase bashiye eNaturena okwesikhashana.

“Laba bafana ababili bathwale kanzima ukungena eqenjini eliqala imidalo selokhu bakhushulelwa eqenjini elikhulu,” iPhakaaathi icaphune umthombo usho kanje.

“Iqembu liyabazisa bobabili, kodwa ngeke babe ngcono ngokuhlala ebhentshini.

 

Related Articles

Back to top button