
Bamnqumele ugwayi katiki uNgizwe Mchunu
Amanda Mjaja
IKhomishane yamalungelo abantu iSouth Africa Human Rights Commission (SAHRC) ithi nakamhlola ukuthi uNgizwe Mchunu angashiya angalazi kwabathandana nabobulili obubodwa kuphele kanjalo.
Le Khomishana ithi izinkulumo zakamuva zikaMchunu azibhekise emphakathini iLGBTI+ zigcwele inzondo nokucwasa.
Esitatimendeni esikhishwe iKhomishini iqinisekise ukuthi isiqedile ukuhlola izikhalazo zokuhlukunyezwa okusolwayo ngenkulumo enenzondo kaMchunu.
“Izitatimende ezenziwe ngu-Mchunu ziwukwephula okubonakalayo kwemibandela yoMthetho wokukhuthazwa kokulingana Nokuvimbela ukucwaswa okungalungile (Umthetho Wokulingana), 2000”, kusho iziphathimandla.
Ngenxa yalokho, i-SAHRC ikhiphe isicelo esisemthethweni esiyala uMchunu ukuthi athathe izinyathelo zokulungisa leli phutha ngokushesha.
“UMchunu kufanele ayeke ngokushesha ukushicilela, ukusabalalisa, noma ukukhuthaza noma yiziphi izinkulumo ezigqugquzela udlame. Okuyizinkulumo zenzondo, noma okufana nokucwaswa kwabantu be-LGBTI + kunoma iyiphi inkundla,”
Unikwe amahora angu-24 ukuba asuse izinkulumo noma amavideo ezinkundleni zokuxhumana futhi axolise esidlangalaleni.
“Kumele akhiphe incwadi ahoxise amagama awakhiphayi, axolise avume umonakalo owenzekile futhi azibophezele ukuthi ngeke aphinde akwenze lokhu esikhathini esizayo, kungakapheli amahora angu-24 ethole le ncwadi”, kwengeza i-SAHRC.
IKhomishini ixwayise ngokuthi kungalandela ezinye izinyathelo zomthetho uma uMchunu ehluleka ukubambisana nabo.
Phakathi nale mpikiswano, amazwi kaMchunu agxekwa kabanzi, ikakhulukazi ngokuhlasela umculi uSomizi Mhlongo.
Ephendula esidlangalaleni, uMhlongo wanxusa ukuzola nesithunzi.
“Ungazivumeli ukuba zikwenze ube nomuzwa wokudabuka. Uyazi ukuthi ungubani, futhi uma uzazi kahle, awunyakaziswa kalula”.
Wabuye waxwayisa ngokuziphindiselela. Ungazehliseli ezingeni labo. Ungabaqalekisi. Okudingeka ukwenze nje ukuba wena ngokwakho”



