Izindaba

Alele uthuli ePitoli amadokodo okufa kosopolotiki

INhloko kwiSerious and Violent Crime Division iqinisekise amacala angu-121 okubulala kwezepolitiki e-KZN ukuthi alele izintuli ePitoli.

Lokhu kuvele kwiMadlanga Commision uLieutenant General Mary Motsepe ezithola evaleleke ekhoneni.

Uqale waphika ukuthi amadokodo eKZN PKTT angu-121 akathintwa, kodwa wabuye wavuma ukuthi sekuhambe isikhathi esingangezinyanga engaphenywa.

Ethula ubufakazi phambi kweKhomishini kaMadlanga ngoMsombuluko, uMotsepe usivikele isitatimende sakhe ngokuthi kwenziwe ukuhlolwa, kodwa hhayi uphenyo lwangempela.

“Amadokodo abengalele uthuli ngoba anezinyanga ezintathu kuphela lapha kithi—cishe, mhlawumbe izinyanga ezintathu“

UKhomishana kaZwelonke uFannie Masemola wathi uJenene uShadrack Sibiya kumele asebenzise ukuqonda kwakhe.

Kanjalo nokuhlola esikwenzile,” kusho uMotsepe, lokhu kukhombisa ukuthi kukhona okwenziwa emadokodweni.

Amadokodo adluliswa esuka ku-PKTT ayiswa ekomkhulu lakwa-SAPS ePitoli ngoMashi nango-Ephreli 2025, ngokomyalelo kaSibiya osamisiwe.

Ngokusho kukaMkhwanazi, amadokodo akhishwe ngendlela engafanele, agcina eshiywe “elele uthuli” ePitoli, kwamiswa uphenyo nokuvikela abantu abaxhumene nezepolitiki.

Sekuvele ukuthi okungenani amadokodo amahlanu kulawa akhona kunadinga ukuthi kuboshwe abantu ngokushesha.

Esewonke amadokodo angu-121 amayelana nokubulawa kwezombusazwe kanye nokuzama ukubulala, okuhlanganisa namacala athinta ukufa kwamakhansela abesezikhundleni zezombusazwe nabaholi bendabuko KwaZulu-Natal.

Kubikwa ukuthi izisusa ezidala lobu bugebengu zihlobene umbango wamathenda, inkohlakalo, kanye nemibango yezombusazwe.

UKhomishana, uJustice Mbuyiseli Madlanga, ubuze uMotsepe ukuthi uyavuma yini ukuthi uma ngisho umsebenzi ojwayelekile ewacosha amadokodo uwathuntutha uthuli ngoba akaphenywa.

Konke lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, ephakamise ukuthi kuhlakazwe i-PKTT, ekhala ngokuthi umsebenzi wabo awusenawo umthelela.

Related Articles

Back to top button