Izindaba

Limvove inkani ijele uPastor Mboro

Bahle Mkhize

AKALICABANGI noma elele ijele uPastor Paseka ‘Mboro’ Motsoeneng ogcine ethole ibheyili kaR3000 enkantolo kaMantshi yasePalmridge.

UMboro waboshwa nonogada uVincent Baloyi onikwe ibheyili ka-R1000.

Ekhuluma neqeqebana labantu ebelimhlangabezile licula namaculo ligida uthe ejele akusiniswa amahleza ucishe wafa.

“Ngiyajabula ukuthi ndodana uvikelekile. Impilo yasejele inzima uma wenza noma yini qikelela ukuthi awuboshwa,” usho kanje etshela indodana yakhe uRevival Motsweneng owaphuma ngebheyili ngenyanga edlule.

Bese kungokwesibili uMboro ezama ukuthola ibheyili kodwa imizamo yakhe iphunza.

Abameli baMboro balethe ubufakazi obusha nokwenze ukuthi inkantolo ingananazi.

Phakathi kobufakazi ababulethile abameli ukuthi isibhamu esasiphethwe unogada kwakungesokudlala.

Inkantolo ibe isibheka nokuthi esinye isibhamu okuthiwa sasiphethwe uMotoeneng sasingangeni ngaphansi kwesigaba 4 seFirearms Control Act.

Leli cala belishushiswa u-Advocate Pheello Vilakazi.

UMboro obekungathi ubona izulu yinjabulo utshele abalandeli bakhe ukuthi akafuni ngisho ukuvulela amacala imindeni yemigulukudu eyashisa itende lesonto lakhe.

“Anginalo ugqozi lokujezisa abazali bemigulukudu eyangihlasela, indaba yetende yinto engathi shu. Mina ngifuna sakhe uxolo,” usho kanje.

UMboro, Baloyi noRevival babhekene namacala angu-12 okuhlanganisa ukuthumba, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nokushaya.

Lo mfundisi uzithola esobishini nje isidumo sasuka ngo-Agasti 5 eMatshediso Primary School, eKatlehong, lapho wayebonakala ethatha abazukulu bakhe ababili ngo dli.

Khonamanjalo usazohlala esitokisini uLongwe Thwala kulandela ukuthi ummeli wakhe wamahala engalubhadanga ngoLwesine eNkantolo.

ULongwe waboshwa uyise uChicco Thwala kulandela izinsolo zokumtshontshela impahla yasestudio elinganiselwa kwinani lika-R200 000.

Ulindeleke ukuthi abuyele ngoMsombuluko eNkantolo eyofaka isicelo sebheyili.

Related Articles

Back to top button