Izindaba

Balibeke kuMkhwanazi ithemba  abasezweni “lezoni” abaxakwe amaPakistan

ITHEMBA labantu basezweni ‘lezoni’ okuwuMgungundlovu kwaZulu-Natal sebebeke ithemba kuLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Bakusho lokho njengoba bethi baxakwe amaPakistan edolobheni ngesikhathi kunembizo yokuxoxa ngobugebengu ebibizwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli.

Ngokombiko weSolezwe uMnuz Gobizizwe Zondi waseMbali, uthe abantu bokufika bayazenzela ezakhiweni ezisedolobheni, wabalula kakhulu ezisemgwaqweni uPietermaritz.

“Siyocela kule sivinini onaso, ukuba ungenelele kulolu daba ungaze ukhathale. Akuhambeki kuPietermaritz, amaPakistan ayazenzela. Angazi ukuthi anasiphi isivumelwano nomasipala. Sicela ungenelele singaze sizibbele thina siwumphakathi.”

Nakuba uZondi encome amagalelo kaMkhwanazi ekulweni nobugebengu, ukhalaze ngesiteshi sangakubo eMbali.

Uthe eminyakeni emibili edlule, kwadutshulwa indodana yakhe ngezinhlamvu eziwu-17 ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa, kwangaphuma ngisho iphoyisa elilodwa.

Abantu abaningi abakhulume embizweni bakhale ngokungabibikho kwezimoto eziteshini zamaphoyisa angakubo, ukwebiwa kwemfuyo nokuhlala ngobumnyama ngenxa yokungabi bikho kweziphehli zikagesi, ama-transformer.

UNksz Nombulelo Gumede wakwaMafunze, uthe bayaye batshelwe ukuthi izimoto azikho uma beshayela ucingo esiteshini samaphoyisa.

UMnuz Mzothule Mchunu waseMooi River, uthe imfuyo yabo iyantshontshwa, wathi iningi lemfuyo entshontshwayo iphelela oThongathi nakwaMaphumulo.

“Okuxakayo ukuthi amaphoyisa asuke esekuphi? Kungani engaze angazifuna izimvume zokuthuthwa kwemfuyo?”

Ephendula izikhalazo zezakhamizi, uNtuli uncome igalelo likaMkhwanazi ekulweni nobugebengu.

UNtuli uthe uMkhwanazi uyisibonelo esihle emaphoyiseni, wathi abantu bakwezinye izifundazwe bayafisa ukuba nabakhuzi bamaphoyisa abafana noMkhwanazi.

“UMkhwanazi ngimchoma uphaphe lwegwalagwala. Abantu bathi uma bonke abakhuzi bamaphoyisa bakwezinye izifundazwe bengase befane naye, ubugebengu bungaphela.”

Related Articles

Back to top button