
IKaizer Chiefs inikeze iTS Galaxy isifundo koweCarling
U-Wandile Duba ukhombisile ukuthi yize esemncane ngokweminyaka kodwa akazithathi kancane izinto ngesikhathi ephendulela i-Kaizer Chiefs kwiTS Galaxy.
Lokhu akagcinanga ngokukwenza ngokushaya amagoli amathathu ngesikhathi iKaizer Chiefs ibhaxabula iTS Galaxy ngo 3-0 kwiCarling Knockout Cup eFNB Stadium.
Uphinde waphendula obekushiwo yiGalaxy kulamasonto amabili kusukela baqhathwa njengoba iGalaxy ibizitamuzela kuMakhosi, iwagcona ezinkundleni zokuxhumana.
Konke kwaqala ngesikhathi iGalaxy ifaka isithombe sembongolo egqoke uphawu lweChiefs, izibuka esibukweni kodwa ibona ibhubesi elinamandla.
Kwesinye isithombe, bekubonakala ibhubesi lizingela idube, iGalaxy iyibhubesi eliconsa amathe libona ukudla kwalo kuleli dube.
IGalaxy yivale ngokuthi ifake isithombe sayo bedla isidlo sangaphambi komdlalo, yabe seyisiphelezela ngomlayezo othi izovala usuku ngokudla Amakhosi nobekuzoba isidlo sakusihlwa.
U-Wandile Duba, oneminyaka engu-22, ukuthathe ngenhliziyo konke lokhu, waphendulela i-Kaizer Chiefs enkundleni ngoLwesibili ngamagoli amathathu.
Ukwenza kahle kwakhe kumenze wahlabana ngomklomelo woMdlali oVelele ohambisana nesamba sika-R100 000.
“Laba basidelele kakhulu ezinkundleni zokuxhumana emasontweni amabili edlule,” kusho uDuba engxoxweni nabakamabonakude ngemuva komdlalo.
“Besazi ukuthi kumele siwunqobe lo mdlalo. Buka manje izimbongolo sezibahubhe badela namuhla.”
Ngemuva komdlalo, iGalaxy iphendule ngesithombe namazwi odumo ashiwo owayengumqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane: “Yerr. Ibhola lingakubulala ufe fi!.”
IChiefs manje isilindele ukuqhathwa kwamaqembu esigabeni esilandelayo, kodwa ngaphambi kwalokho izobhekana ne-Orlando Pirates kwiSoweto Derby ngoMgqibelo eFNB Stadium.
Lisenethini.co.za
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



