Ezokungcebeleka

UFlymotion obegadla kuDJ Tira usethi maluju!

Uthi maluju ayidle izishiyele owayengumsakazi weGagasi FM uFlymotion, kuDJ Tira, emva kokushiya angalazi ohlelweni i-On Point With Sandy Nene Podcast Show.

UFlymotion uthole incwadi eshisayo yezomthetho evela kubameli bakaDJ Tira, iN Nhlapho Attorneys, kulandela ukunephula igama lalo DJ ongaconsi phansi kwabaningi.

Ngokwencwadi uFlymotion uthe ukuphendula kwakhe akusho ukuthi uyavuma noma yiziphi izinsolo ezibekwe kuye encwadini yabameli bakaDJ Tira.

Kule ncwadi, uFlymotion uveza ukuthi wayeyisivakashi kuphela kule ngxoxo ye-podcast, futhi wayengenalo igunya noma ukulawula inkundla, isiqephu noma indlela iNawe Upopile Studios esebenza ngayo.

Uphinde waveza ukuthi, ngenhloso yokuxazulula lolu daba ngokuthula, ucele istudio ukuthi sisuse isiqephu se-Podcast kanye nakho konke okuhlobene naso kuzo zonke izinkundla zaso, nokuyinto abavumelana ngayo.

Ngaphezu kwalokho, uFlymotion uthe akanayo inhloso yokusabalalisa noma yiziphi izinkulumo ezingamanga noma ezihlambalazayo ngoDJ Tira

Le ncwadi iphinde iqinisekise ukuthi uFlymotion usevele washicilela isitatimende sokuhoxisa, ukucacisa kanye nokuxolisa obala ekhasini lakhe, enethemba lokuthi lezi zinyathelo zizobe seziluqedile lolu daba.

Lolu daba luqale ngemuva kokuthi abameli bakaDJ Tira bethumele incwadi yezomthetho mayelana namazwi aphume ngesikhathi sengxoxo yePodcast.

UFlymotion waveza ukuthi kunabantu abasatshwayo eThekwini ukuthi kubizwe amagama wabo ekubeni behlukumeza. Wathi izisulu ziyasaba ukubiza lawo magama (Tira) ngoba zizovalelwa ngaphandle.

Abammeli bathi lamagama amveza uTira njengomuntu omubi nohlukumezayo.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button