Izindaba

Bamphenye izinqe uPhakel’mthakathi ophike eyendodana emhlanganweni

Sihle Mkhize

Sekubutshuke isithombe somfana kaNkosikhona “Phakel’mthakathi” Ndabandaba exhawulana noMengameli uCyril Ramaphosa ngosuku olwandulela umhla ka-30 June.

Kuzokhumbuleka ukuthi kusuke omkhulu umsindo abantu bebuza ukuthi kungani umsunguli weMarch and March uJacinta Ngobese-Zuma engamenywanga emhlanganweni.

UPhakel’mthakathi ubize isithangami sabezindaba ukuchaza mayelana nomhlangano okwavela yena kuwo noNgizwe Mchunu.

“Awukwazi ukuthi uma ubizwe emhlanganweni bese nawe umema omunye umuntu. UMengameli ukuba weyefuna ukumema uJacinta wayezomfonela. Mina ngafonelwa kusukela emini nginqaba ngithi kungani uMengameli engasho lokho afuna ukukudlulisa kunokuthi ngiye kuye,”

“Okunye okumele nikwazi  wukuthi ngendlela engimhlonipha ngayo uMengameli ngangihamba nomfana wami kodwa ngamshiya emotweni angivumanga ngisho nokuthi athathe izithombe noMengameli,” usho kanje kwabezindaba.

Namhlanje kuchwaza izinkundla zokuxhumana njengoba sekuvele ivideo nezithombe kunguye uqobo uPhakel’mthakathi oshutha indodana yakhe noMengameli.

Akuyona yodwa evelayo njengoba kubonakala noMfaz’ogcwele beshutha noMengameli.

“Niposte kahle madoda, ningaposti umbhedo,” kusho uRamaphosa kwivideo.

Ebuzwa izithatheli uJacinta ngosuku lwemashi ukuthi ubemenyiwe yini futhi ubazi yini ngalo mhlangano noMengameli wathi cha, kubonakala nje ukuthi unengekile.

Abaningi basola iNgobamakhosi ngokuputshuza lezi zithombe ngenhloso yokuxova ngoba uPhakel’mthakathi watshela izinthaleli ukuthi azingakhulumi naye futhi akangabi sekhaleni lwamabutho.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button