Izindaba

Sishaya is’dudla iSilo ngabokufika kuleli

Sindiswa Nxumalo

ISilo uMisuzulu kaZwelithini muva nje ukhombise ukunengeka isenzo sabanye abazibiza ngamaZulu abahambe bexosha abokufika.

ISilo sithi kubuhlungu ngoba kunesizwe sakhe esikwa Bulawayo, eZimbabwe, kaMzilikazi kaMashobane namuhla sixoshiwe nesinye saseMalawi naso sixoshiwe.

ISilo sithi akekho umuntu owuZulu ngokuphelele ngakho ayiyekwe lento yokucwasa abantu bokufika esizweni sayo.

Kuzokhumbuleka ukuthi unina weSilo ungowokuzalwa Eswatini.

Siqhube sathi akoqashelwa ukuthi kuxosha bani ngoba abantu ababhaliwe ukuthi abakuphi.

“Yekani ukucwasa abantu, isizwe esihloniphayo naso siyahlonishwa,” usho kanje kubonakala ukuthi unengelile.

Sikhuluma kanje ezinsukwini ezimbalwa kade kunokhukhulangoqo wombhikisho wabantu bokufika abakuleli ngokungemvumo kulo lonke elaseNingizimu Africa.

Le nkulumo yeSilo ithuse abaningi njengoba ibishayisana nayenza emkhosini wempi yaseSandlwana ngomhla ka-22 January 2026.

ISilo sababaza abesifazane bakuleli ngokuthanda baphinde bathole abantwana nabantu basemazweni angaphandle.

“Odadewethu bawaqomile amakwerekwere, kuyothiwani ngoba phela sekukhona abashana bethu,” kusho uMisuzulu.

Yize umntwana edinga abazali bobabili kepha iSilo sasho ngazwi linye nabantu baseNingizimu Afrika sathi abahambe.

“Noma ngabe umshana wami uzalwa ikwerekwere, alihambe ikwerekwere kusale umshana,” kusho iNdlulamithi.

Abaningi basola ukuthi iSilo sishaya ungqimphothwe nje yingoba sasikade sihlangane noMengameli uCyril Ramaphosa ngosuku ezinsukwini ezimbili ezandulela umbhikisho obumkhulukazi ngomhla ka-30 June.

Related Articles

Back to top button