Ezemidlalo

IBafana Bafana ishiye umaka emhlabeni jikelele

I-Bafana Bafana izigwaze ngowayo ngesikhathi liphela kabuhlungu iphupho layo kwiNdebe yoMhlaba ihlulwa ngo 1-0 yiCanada emdlalweni weRound of 32 ngeSonto ebusuku.

Iqembu likaHugo Broos lidlale ibhola elihehayo futhi laba ngcono ezikhathini eziningi zalo mdlalo.

Nokho, lihlulekile ukusebenzisa amathuba eliwatholile, kwagcina lokho kulilimaze kakhulu.

IBafana ibiphethe umdlalo futhi ikwazi ukufinyelela ezindaweni eziyingozi, kodwa ibiphelelwa amacebo uma isifika phambi kwepali.

Ngakolunye uhlangothi, iCanada  ikhombise ukuzimisela ngokunqoba futhi ihlasela ngokushesha.

Umdlalo ushintshe ngesikhathi uBroos ekhipha uRelebohile Mofokeng sekuyiwa esiwombeni sesibili, wafaka uThalente Mbatha endaweni yakhe.

Lolu shintsho lwenze iCanada yabuyela emdlalweni futhi yaqala ukubukeka iyingozi kakhulu.

Kuthe sekusele imizuzu emibili kuphele umdlalo, uStephen Eustaquio washaya igoli eliwine umdlalo, wathumela iqembu lakhe kuRound of 16.

Yize i-Bafana Bafana ikhishwe kabuhlungu, ishiye uphawu olukhulu kulo mqhudelwano.

Iqophe umlando ngokufinyelela okokuqala ngqa esigabeni somkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba.

Iphinde yazuza ukuhlonishwa emhlabeni wonke ngemidlalo yayo emihle nangesibindi esikhonjiswe abadlali.

Lisenethini.co.za

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button