Izindaba

Izinkinga zibiza ezinye kuMkhwanazi onukelwa yijele

IKhomishini kaMadlanga izwe ubufakazi obusha nobuthusayo obuthinta owayeyiNhloko emisiwe yoMnyango wamaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni (EMPD), uJulius Mkhwanazi.

Leli phoyisa elinukelwa yijele lisolakala ekwebiweni kwamatse ayigugu abiza cishe u-R14 million ngo-2023.

NgoLwesibili, iphoyisa lesifazane kuMasipala waseGoli (JMPD), elifakaze ngaphansi kwegama eliyimfihlo  “Witness K”, ligeqe amagula phambi kwekhomishini.

Ubufakazi balo buveze ukuthi ngo-2022 lathola ulwazi lokuthi kunamatshana ayigugu angekho emthethweni ayebiza u-R14.9 million agcinwe efulethini eKillarney, eGoli.

Lo fakazi uthe ngaleso sikhathi wayesebudlelwaneni bezothando noMkhwanazi, owayebhekene nezinkinga zezimali.

Uthe wamazisa ngalolu lwazi, kwathi ngemuva kwalokho uMkhwanazi waqala ukukhombisa intshisekelo enkulu yokuthola imininingwane ngalawo matshe.

Ngokusho kukaWitness K, uMkhwanazi waqhubeka nokufuna ukuxhumana nomthombo wolwazi kwaze kwaba yilapho kutholakala imininingwane ephelele.

Lo fakazi usole ukuthi inhloso kusukela ekuqaleni kwakungeyona eyokwenza umsebenzi wamaphoyisa, kodwa kwakuwukuhlela ukwebiwa kwala matshe ayigugu ngaphansi kwesithombe somkhankaso obizwa ngokuthi ubambiswano phakathi kwe-EMPD ne-JMPD.

IKhomishini ibuye yezwa ngaphambilini ukuthi uMkhwanazi ekuqaleni wayethi lo mkhankaso wawugunyaziwe futhi wenziwa ngokubambisana phakathi kwale minyango emibili.

Kodwa kamuva wavuma ukuthi wayengenabo ubufakazi obubhaliwe obuqinisekisa lokho.

Kuphinde kwavezwa ukuthi njengelungu le-EMPD, uMkhwanazi wayengenalo igunya elisemthethweni lokuhlela noma ukuhola umsebenzi wamaphoyisa ngaphakathi kwemingcele yedolobha laseGoli.

IKhomishini kaMadlanga iyaqhubeka nophenyo lwayo ukuze kutholakale iqiniso ngalolu daba kanye nezinye izinsolo ezithinta ukungaziphathi kahle kwezinye izinhlaka zomthetho.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button