
Kumapeketwane kwiMK Party ngabokufika abaqashiwe
Liyah Mseleku
Izinkinga zibiza ezinye eqenjini leMK Party.
Umholi weLACO edlelana naleli qembu uMlungisi KaMancinza unekele izwe ngokuqashwa kwabokufika ekubeni kunentsha engasebenzi kuleli.
Umunwe uwukhomba kuNathi “Rick Ross” Nhleko onguNational Organiser kwiMK Party.
Ubhale kanje: “ILACO yabhalela ubuholi be(MKP) kwaze kwaba ikathathu sifuna umhlangano kuze kube imanje ayikaze isivumele isicelo sethu.
Nazi izinsuku esabhala ngawo izincwadi (21 September 2025, 12 December 2025, 6 May 2026).
Sasincenga umhlangano nenhlangano yethu ukuze siveze okungekuhle okwenzeka ngaphakathi kodwa kuze kube imanje asikaze sahlala nayo iMKP ingakho sesize sifika kulesi sigaba.
URick Ross omunye wabaholi abangenzi kahle kwi MK.
URick Ross waqasha owokufika waseZimbabwe, uLeon Susumgelo, njengoChief of Staff eSishayamthetho eGauteng.
ULeon naye uphinde walanda omunye wangaphandle uBuyi Sishuba ingane kasisi wakhe yaba ngumsizi wakhe (iPA).
IMKP kwathiwa izosiza abantu base South Africa futhi kunentsha eningi efundile ehleli emakhaya kuyaxaka ukuthi uRick Ross yena engakucabangi lokho.
ULeon Susumgelo wathenga iQuantam eselilidala ngo-1 million, leyo moto eyokuthutha abasebenzi baseSishayamthetho.
Kuthiwa leyo mali bahlukaniselana noRick Ross ngoba iQuantum lalingewona u-1 million.
USusumgelo waqasha inkampani okwakumele ikhokhele abasebenzi, leyo nkampani yabaleka noR600k ngoJune abasebenzi bangahola.
Kuze kubaleka inkampani yingoba uLeon noRick Ross babefuna u-100k njalo ngenyanga uma enqaba umnikazi wenkampani bethi bazomphuca umsebenzi.
Wagcina ebalekile umnikazi wenkampani, njengoba kade kubhaliselwa ukuvota kunemali ebekumele ifike kumaward kodwa ayifikanga ngenxa kaRick Ross.
URick Ross uphinde washutheka uChidie Uwuzurke (Nigeria) kwiMK Student Movement njengo National organiser.
Yingakho edla amazamabane kulento yabantu bokufika ngoba ubafukamele.
Okwamanje ngizoveza lo-1% kuphela kodwa uma kuphela izinsuku eziyisikhombisa ingasibizile njengeLACO kuyosiphoqa ukuthi siveze okunye okukhulu kunalokhu,”



