
ICar track ivulelwe icala kushona umsebenzi etohweni
Aphelele Cebekhulu
I-ANCYL ivulele icala inkampani iCar Track eRosebank Police Station eGoli.
Ikwenza lokhu emva kwezikhalo eziningi ngokushona kwaGcina Dladla oshone esemsebenzini.
UGcina (29) kuthiwa uke wahambisa izincwadi zokugula kumqashi kodwa wayalelwa ukuthi uma engalubhadi emsebenzini uzophelelwa itoho.
Ugcine ephoqeleka ukuthi azihudule nakuba ubebuthakathaka empilweni.
Lokhu kuholele ekutheni egcina eshayeka phansi esendlini encane khona emsebenzini washonela khona.
Badinwe bathelwa ngamanzi abantu ezinkundleni zokuxhumana befuna ukuthi le nkampani ithathelwe izinyathelo zomthetho.
UGcina uye emsebenzini ngoLwesihlanu ngezithuba zo-8:30 ekuseni ezidonsa kwazise ubesaba ukuphelelwa itoho.
Utholakale equlekile kwabizwa onogada emva kokuthi omphethe ehlabe umkhosi.
Bamkhumule abekugqokile kwazise ubeshisa ngokweqile kusazanywa ukubizwa abosizo oluphuthumayo.
Ngesikhathi kubonakala ukuthi i-ambulensi ayifiki imenenja izihambele mathupha iya kwaNetcare iyofuna usizo oluphuthumayo.
Ngaleso sikhathi umzimba kamufi ubusuqala ukubanda esephuma igazi ngamakhala.
I-ambulensi igcine ifika ngezithuba zo-11 emini sekungenelele abomndeni, nokho ubeseshonile uGcina.
Abasebenzi bayalelwe ukuthi abaphume baphele ebhilidini.
Kuvele ukuthi phambilini umufi ubekhala ngempatho yabaphathi bakhe.
AbeCar Track bakuphikile ukuthi bazithola izincwadi zikaGcina.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



