Izindaba

Ziyayishuka imbodla kuMogotsi ogqojwe ibheyili

Bahle Mkhize

Ziyayishuka imbodla kuMnuz Brown Mogotsi onqatshelwe ibheyili ngoLwesihlanu enkantolo.

Ubhekene namacala okubalwa kuwona inkohlakalo, ukutholwa nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni nokudukisa ingalo yomthetho.

UMogotsi usolwa ukukhanya isigameko sokubonakala sengathi kunowayezama ukumbulala.

IJohannesburg Magistrate Court ithe uhlulekile ukuveza ukuthi ngempela kuleli kheli abethi uhlala kulo uqinisile yini.

Ithi ayikwamukeli ukuthi umnikazi womuzi wenza iphutha ngesikhathi ephambanisa ikheli.

Ngalokho iMantshi ithi kunzima ukuqinisekisa ukuthi uhlalaphi nokukwenza ukuthi umsolwa angashaya utshani uma sekumele kuqulwe icala.

Yanqatshwa kanjalo ke ibheyili.

UMogotsi zamkhalela eqeda nje  ukwethula ubufakazi kwiKhomishana kaMadlanga.

Waboshwa ebesebheke ekhaya eNorth West.

Waboshwa yithimba leCrime Intelligence elalijutshwe uGeneral Dumisani Khumalo, abaseshi kanye namaphoyisa ophiko lwePKTT.

Kukholakala ukuthi uMogotsi wayelusiwe usuku lonke ngesikhathi ethula ubufakazi kwi Madlanga Commission.

Uphenyo ngaye selokhu lwaqa kusukela ngoNovember 2025.

Kuzokhumbuleka ukuthi wake waba sematheni kuvela ukuthi kukhona abebezama ukumdubula eVosloorus.

UBrigadier Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa kuzwelonke ephawula ngesikhathi eboshwa wathi ithimba lamaphoyisa lithole iJ50 ebagunyaza ukuthi babophe uMogotsi.

“Uphenyo olifushane luveze ukuthi isibhamu esasetshenziswa kwenziwa lobo bugebengu sixhumene namanye amacala abucayi nanodlame okuhlanganisa ukubulala nokuzama ukubulala, ” usho kanje.

Nokho ke ubengaqali ukuvela enkantolo njengoba ngaphambilini wavela futhi.

Udaba lube selihlehliselwa umhla ka-12 June.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button