Izindaba

Kuhoxe abammeli esicelweni kwelasomatekisi

Sihle Mkhize

Abammeli baMadoda Johannes Sibanyoni nasolwa nabo bathi maluju bayahoxa emizamweni yokuphoqa inkantolo ukuthi bangashushiswa.

USibanyoni ungusomatekisi odumile aphinde abe namatekisi angaphezu kwa-400.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngomhla ka-18 May badedelwa yiKwaggafontein Magistrate’s Court ngenxa yokungafiki komshushisi enkantolo.

Kwavela ukuthi wayethole izinsongo zokusocongwa.

INational Prosecuting Authority (NPA) yathi nakamhlola awuvuswe amacala njengoba benikwe ibheyili kaR70 000 ngesonto eledlule.

Icala ababhekene nalo ukukhokhisa izigidi zemali usomabhizinisi waseMpumalanga.

Ngokwe NPA abammeli baSibanyoni nasolwa nabo babonile ukuthi ayingangabo bahoxisa isicelo ngoLwesihlanu.

NgoLwesibili mhla ka-2 June akusekho ukuhlehlela emuva liyalalelwa icala eMbombela High Court.

“Ukufaka kwabo amaphepha okuhoxa kuqeda ukuqagela ngokuthi ngeke besaya enkantolo nokuthi baboshwe,” kusho iNPA.

Ngesikhathi beboshwa labasolwa okhulumela amaphoyisa eMpumalanga uColonel Mavela Masondo wadalula ukuthi umnikazi wemayini eMpumalanga uvule icala lokuqolwa imali ngenkani nguSibanyoni.

“Kukhona icala lokuqola imali ngenkani elavulwa ngoNovemba-2025. Amalungu ethu ophiko olubhekene nobugebengu obuhleliwe abeluphenya lolo daba, oluhlanganisa abasolwa abane,” kusho uMasondo.

“USibanyoni ungomunye walabo basolwa abane. Uphenyo seluphothuliwe, kwase kuboshwa abasolwa ngezikhathi zasekuseni.

“Ababili babo baboshwe eGauteng, okubalwa kubo lo somabhizinisi odumile. Kuthiwa bebecindezela usomabhizinisi osembonini yezimayini eKwaggafontein ukuba abanike imali ngenkani,” kusho uMasondo.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button