Izindaba

Amasosha nezintsha ngoJune 30 obhekiwe

Liyah Mseleku 

Amasosha akuleli iSouth African National Defence Force (SANDF) athi akayingeni eyokuthi ngomhla ka-30 June azovimba umbhikisho.

ISANDF ikhethe ukuphumela obala ngoba imvunge yokuthi azophuma ngobuningi ayotalabha ababhikishi ibisisabalele kulo lonke leli.

Kwisitatimende abasikhiphe ngoLwesihlanu lo mbutho uthi: ” Siyayibona Imibiko ezinkundleni zokuxhumana ukuthi sizobe sithe chithi saka ngomhla ka-30 June”

“ISANDF kyqyichitha lemibiko njengesilo iqiniso futhi iyadukisa. Asikaze sithi nkente noma sifune ukutshala amasosha ngalolu suku. Siyakutusa ukuthi umthethosisekelo wakuleli uyakuvuma ukuthi abantu bangamasha ngenkululeko,” kusho isitatimende.

Khonamanjalo, iyaqonga ingcindezi njengoba abakuleli sebengasafuni lutho oluhlanganisa abokufika kuleli.

Sikhuluma nje sekujutshwe amaphoyisa ngemuva kokuthi kube nesigameko sokutapa ezitolo zabokufika eMtshezi KwaZulu-Natal.

Lo mkhankaso weMarch and March oholwa nguJacinta Ngobese-Zuma ususabalele kulo lonke lakuleli njengoba besho ngazwi linye ukuthi umhla ka-30 owamanqamu.

Kulo leli dolobha laseMtshezi Isikhuni sibuye ngomkhwezeli njengoba osomabhizinisi bokufika behlangene nenhlangano ezwelana nabokufika bamangalela iMeya kaMasipala waseNkosi Langalibalele, uMnuz Mduduzi Myeza.

Bambeke amacala ezinsolo  zokucwasa kanye nokuvala izitolo zabokufika edolobheni eMtshezi ngoLwesithathu.

Kuyaziwa ukuthi uMyeza usemkhankasweni wokuxoshwa abokuhamba abangenamaphepha.

Marketing and advertising Call or  073 062 1169 

Related Articles

Back to top button