
IChiefs nezimbi ngomqeqeshi wonozinti
Iqembu leKaizer Chiefs liyakorobha ngempela manje njengoba selikhombe indlela umqeqeshi wonozinti u-Ilyes Mzoughi okuvele ukuthi naye uyashiya.
Uhamba nje ulandela ozakwabo ayefike kanye nabo oCedric Kaze noKhalil Ben Youssef.
U-Ilyes Mzoughi ushiya ngemuva irekhodi elihle njengoba enconywa ngokudlala indima enkulu ekuthuthukiseni onozinti eNaturena.
Unconywe kakhulu ngokusiza uBrandon Petersen ukuthi abuyelwe yifomu njengoba ebevimba kwasani kule sizini.
Lo mqeqeshi wonozinti uphinde wanconywa ngabalandeli ngokufaka iqembu umfutho ngokujabula kwakhe uma lenza kahle.
Emlayezweni wokuvalelisa osuka enhliziyweni, u-Ilyes Mzoughi ubonge wonke umuntu asebenze naye kwi-Kaizer Chiefs.
“Namuhla, ngivalelisa ngenhliziyo egcwele ukubonga nokuziqhenya.
“Kube yintobeko enkulu ukuba yingxenye yale kilabhu enkulu nalo mndeni omuhle,” kusho uMzoughi.
“Ngifuna ukubonga abaphathi, abasebenzi bezokuqeqesha, abadlali, futhi ikakhulukazi abalandeli ngothando, inhlonipho, nokusekelwa abanginike kona ohambweni lwami ekilabhini.”
Uphinde wabonga onozinti asebenze nabo ngesikhathi asihlale eNaturena.
“Konozinti, ngiyabonga ngokungethemba kwenu, ukusebenza kanzima, nokuzibophezela nsuku zonke.
“Ngiyaziqhenya ngenqubekelaphambili yenu, futhi ngikholwa ukuthi ikusasa liqhakazile kini nonke.”
U-Ilyes Mzoughi wengeze ngokuthi i-Kaizer Chiefs izohlala iseduze nenhliziyo yakhe yize esehambile.
Lisenethini
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



