Ezemidlalo

Kubhekwe uPitso kwesokuqeqesha iChiefs

Kuphelile obekuhlanganisa abaqeqeshi uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze neqembu iKaizer Chiefs.

Ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuvika imibuzo ngekusasa labaqeqeshi.

Manje sebekhiphe isinqimo ngokusemthethweni.

Amakhosi akuqinisekisile ukuhamba kwalaba baqeqeshi kulandela umhlangano omkhulu obuseNaturena ngoLwesibili ekuseni.

Lezi zindaba ziqinisekiswe yiqembu esitatimendeni esisemthethweni, esiveza ukuthi izinkontileka zeminyaka emibili eziphelelwa yisikhathi ngeke zivuselelwe.

I-KaizerChiefs ikhethe ukusheshe ikuqede ukuqagela, yakhipha isitatimende esiqondile ngalolu daba.

“Njengoba isizini isiphelile, i-Kaizer Chiefs iqinisekisa ukushiya kwabaqeqeshi uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze kulandela ukuphela kwezinkontileka zabo zeminyaka emibili neqembu.

“Sithanda ukubabonga ngokuzinikela negalelo labo, futhi sibafisele konke okuhle esikhathini esizayo.”

Abalandeli kungase kungadingeki balinde isikhathi eside ukuze babone ukuthi ubani ozothatha isihlalo esishisayo ebholeni laseNingizimu Afrika.

I-Kaizer Chiefs iphethe isimemezelo salo ngesithembiso esijabulisayo kubalandeli.

“Ezinye izimemezelo zizolandela kulamasonto ambalwa alandelayo njengoba silungiselela isizini entsha.”

Ukuzingelwa komqeqeshi kuyaqhubeka ngokusemthethweni eNaturena.

Amagama ambalwa okuhlanganisa nelikaPitso Mosimane aseke amataniswa nalo msebenzi.

Lisenethini

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button