
Kwehle izihlathi iDurban City yala ukuvulelela iPirates
Kwehle izihlathi kwabaningi abebebheke ukuthi usuku lwango Mgqibelo ntambama kube ngolukhulu kunobhujuzwayo eNingizimu Afrika.
Amabhakabhaka bekulindeleke ukuthi anqobe kwiDurban City e-Orlando Amstel Arena ukuze abekwe ngokusemthethweni njengompetha beBetway Premiership.
Kodwa njengoba umdlalo ugcine uphele ngo 0-0, kusho ukuthi akusenzekanga lokho.
Noma kunjalo, akukapheli. I-Orlando Pirates isangasidla lesi sicoco uma ingashaya i-Orbit College emdlalweni wayo wokugcina.
Lo mdlalo uzoba seMbombela Stadium ngoMgqibelo ozayo – okuyilapho iPirates isangakwazi khona ukuqedela umsebenzi.
Njengamanje kuseyiMamelodi Sundowns esahlezi eqhulwini futhi ishiya i-Orlando Pirates ngamaphuzu amabili.
Umqeqeshi weCity uncome ukuzimisela kweqembu lakhe emuva njengoba belivale thaqa.
Bekucacile ukuthi iCity ibizele ukuzodunga umcimbi e-Orlando Amstel Arena njengoba kuze kwaphela umdlalo ingazange iye epalini likaSipho Chaine.
Ikwenzile ke ebikufuna ngoba ikwazile ukuphuma nephuzu elilodwa – okuyinto amaqembu amaningi angakwazanga ukukwenza.
Umdlali weDurban City uSphamandla Ncanana odle isicoco sokuba umdlali ovelele ucashunwe kwabezindaba ethi i-Orlando Pirates igama nje kuphela kodwa uma sebesenkundleni bangamadoda bonke futhi bayalingana.
Lisenethini
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169


