
Inhlokomo inkantolo ichitha abokufika
Sindiswa Nxumalo
INkantolo yoMthethosisekelo isichithe isinqumo seNkantolo eNkulu yokweDluliswa kwamaCala.
Lesi sinqumo besithi abantu bokufika okwenqatshwe isicelo zabo zokuzobhaca (asylum) eNingizimu Afrika, bangaphinde bafake ezinye izicelo bebe behleli kuleli.
UMnyango wezaseKhaya usamukele ngesasasa isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sokwenqaba izicelo zabokufika zokuthola ubuzwe bakuleli.
Lesi sinqumo siqinisekise ukuthi labo asebake bafaka izicelo zanqatshwa ngaphambilini bangalitholi ithuba lesibili lokuthi zibuyekezwe izicelo zabo.
UMnyango uthi lesi sinqumo sizosiza ekuqiniseni ukusebenza komthetho kanye nokuvikela uhlelo lwababaleki ekusetshenzisweni kabi, ngesikhathi kugcinwa umthetho waseNingizimu Afrika.
Lesi sinqumo siphinde savusa imibono emphakathini, ikakhulukazi kubantu abakhathazekile ngokwanda kwabantu abangekho emthethweni kanye namabhizinisi angalandeli imithetho asebenza enkabeni yeTheku.
Isishoshovu somphakathi uJacinta MaNgobese Zuma siveze ukuthi emhlanganweni noMasipala waseThekwini kutholakale ukuthi izitolo eziningi azihambisani nemithetho yezemvelo neyokuphepha, ikakhulukazi ekulawuleni udoti.
Uthe lokhu kudala ukuthi udoti ugcine usuvimba amapayipi nemisele yamanzi, okwandisa izikhukhula uma lina kakhulu.
UMaNgobese Zuma uphinde wancoma isinqumo senkantolo, wanxusa uMnyango Wezasekhaya ukuba usheshise ukubhekana nezicelo ezingahlangabezani nemigomo yokukhosela.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



