
Zimkhalele usomabhizinisi wodumo embonini yamatekisi
Sindiswa Nxumalo
Zimkhalele usomabhizinisi wamatekisi obesatshwa uJoe “Ferrari” Sibanyoni.
USibanyoni ubanjwe ngoLwesibili ekuseni eCenturion. Kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoLwesithathu.
Okhulumela amaphoyisa eMpumalanga uColonel Mavela Masondo udalule ukuthi umnikazi wemayini eMpumalanga uvule icala lokuqolwa imali ngenkani nguSibanyoni.
“Kukhona icala lokuqola imali ngenkani elavulwa ngoNovemba-2025. Amalungu ethu ophiko olubhekene nobugebengu obuhleliwe abeluphenya lolo daba, oluhlanganisa abasolwa abane,” kusho uMasondo.
“USibanyoni ungomunye walabo basolwa abane. Uphenyo seluphothuliwe, kwase kuboshwa abasolwa ngezikhathi zasekuseni namhlanje [ngoLwesibili].
“Ababili babo baboshwe eGauteng, okubalwa kubo lo somabhizinisi odumile. Kuthiwa bebecindezela usomabhizinisi osembonini yezimayini eKwaggafontein ukuba abanike imali,” kusho uMasondo.
Igama likaSibanyoni selivele kaningi ngesikhathi sokulalelwa kweKhomishini kaMadlanga kanye nekomidi lePhalamende.
Ngokobufakazi obudonse amehlo abaningi kwiKhomishini kaMadlanga muva nje, uSgt Fannie Nkosi osamisiwe uvumile ukuthi wavakashela emzini kaSibanyoni izikhathi ezingu-12 phakathi kukaMashi 2024 noSepthemba 2025.
USibanyoni uboshwe amalungu ophiko olukhethekile ePitoli ngaphambi kokuyiswa eMpumalanga, lapho okulindeleke ukuthi abhekane namacala ahlobene nokuqola imali ngenkani.
Lo somabhizinisi oneminyaka engu-60 usephenduke umuntu obalwa nabanye beqembu elibizwa nge-“Big Five”.
Udumo lukaSibanyoni luvelele ngemuva kokusinda ekuhlaselweni ngenhloso yokubulawa ngaphandle kweCenturion Golf Estate ngo-Agasti 2022.
Uphenyo olulandelayo lwaxhumanisa imoto emhlophe yakwaBMW 335i nabasolwa abamataniswa nosomabhizinisi uVusimuzi “Cat” Matlala.
Kuzokhumbuleka ukuthi uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi wasola ukuthi izigebengu sezingene shi ezingxenyeni zamaphoyisa kanye nohlelo lwezobulungiswa.



