
Ziphume ngebheyili izikhulu emaphoyiseni nosomabhizinisi
Bahle Mkhize
Izikhulu zamaphoyisa nosomabhizinisi zithole ibheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye nemibandela eqinile.
Inhloko yeCounter-Intelligence neDivision uMajor-General Feroz Khan neGauteng Provincial Head of the Directorate for Priority Crime Investigation (DPCI), uMajor-General Ebrahim Ahmed Kadwa, nosomabhizinisi uTariq Downes bebevele eKempton Park Magistrates’ Court.
Babhekene namacala okubalwa okuthatha impahla ngokungemvumo (igolide), nokuvimba umthetho ukuthi udlale indawo yawo.
Lamacala asuka esigamekweni sango mhla ka-5 May 2021 lapho Downes wabanjwa negolide elingango 75.9 grams kuthiwa ayengabiza imali engango-R62 836.
Wabhadanywa esikhumulweni sezindiza I-OR Tambo International Airport.
Ngesikhathi ebhadanywa waziveza njengomunye osebenzela umbutho wamaphoyisa omshoshaphansi.
Uphenyo lwaveza ukuthi uhubhuza amanga yayingekho into efana naleyo.
Kulapho ke kwase kungenelela uKhan no Kadwa bayalela ukuthi amaphoyisa ayesebophe lo somabhizinisi ukuthi akakhululwe nakuba kwakungekho maphepha ayesekela leso sinqumo.
Icala libe selihlehlela umhla ka-14 July 2026.
Laba bobathathu kumele bazise umseshi kungakapheli amahora angama-72 uma befuna ukuhamba.
UMbuso awuzange uphikisane nokunikezwa kwebheyili.
UKhan uboshwe ngeSonto kulandela ukugasela kwamaphoyisa efulethini lakhe eHoughton.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169Â



