Izindaba

Kucelwa umnikelo okuvusa umuzi kaNgizwe

Sihle Mkhize

Omunye wahaholi abaseqhulwini emkhankasweni wokuxoshwa abokufika abangenamaphepha uPhakel’mthakathi ushaye indeshengi ukuthi abantu bafake isandla ekuvuseni umuzi kaNgizwe Mchunu.

Ubekhuluma kanje emzini kaNgizwe eMbumbulu oshiswe ngeSonto.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

“Sicela labo abangakwazi ukufaka  isitini nesitini sivuse umuzi kaNgizwe. Siyazi ukuthi kunezinkabi abathunywayo sicela bakuye lokho nalabo abaqome abokufika sicela bahambe nabo,”

Uthe isenzo esifuze lesi asiqali kwazise nalu Felemtwini benza okucishe kufanele.

“Baqale ngokubulala amawindi emzini kaFelemtwini ongomunye wabahamba phambili emkhankasweni wokuxoshwa kwabokufika abangenayo imvume yokuba kulelile, yena umkhankaso uwuphusha eHarding,” usho kanje.

UNgizwe akatholakalanga ngosuku lesigameko.

Kuthiwa amadoda angaziwa ahlasele umizi ka-Ngizwe oseMbumbulu kodwa angamfica. Kulapho ke abe asethungela ngomlilo umuzi wakhe kwaphuma izingane zahlaba umkhosi.

“Sibonga ukuthi akekho olimele kulesi sigameko. Kodwa nje yonke impala ishe yangqongqa” kuqhuba uPhakel’mthakathi.

Kuyaziwa ukuthi uNgizwe uphambili kwabafuna kuhambe abakufika futhi uhlezi ephambili emkhankasweni.

Okwamanje ubengakathi vu ngelesi sehlo esimehlakalele.

Related Articles

Back to top button