
UNdunankulu unxenxa omphakathi koweYoga
Sindiswa Nxumalo
Usuku Lomhlaba Lwe-Yoga luzogujwa ngokusemthethweni e-Amphitheatre yaseThekwini ngeSonto, ngaphambi komgubho womhlaba wonke owenzeka njalo ngomhla ka-21 Juni minyaka yonke.
(International Day of Yoga – IDY) izokwethulwa kule mpelasonto elokishini eliyingqophamlando iChatsworth, eseningizimu-mpumalanga yeTheku okuyikhaya lenqwaba yabantu abanemvelaphi yaseNdiya
IHhovisi likaNdunankulu KwaZulu-Natali, ngaphansi kobuholi bukaNdunankulu uThamsanqa Ntuli, liqinisekise ukuzibophezela nokweseka kukahulumeni wesifundazwe kwiSivananda World Peace Foundation.
“Usuku lwe-Yoga lweshumi nambili luyingxenye esemthethweni yohlelo lwe-Yoga KwaZulu-Natal, futhi sikhuthaza zonke izakhamuzi ukuba zibe yingxenye yokugubha i-Yoga — isiko lasendulo laseNdiya eligxile empilweni yomzimba, yengqondo kanye nempilo enhle jikelele,” kusho uNtuli.
UPrince Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu, ongumongameli nomsunguli wenhlangano ehlela lo mcimbi, iSivananda World Peace Foundation, uthe emva kwempumelelo yoSuku lwe-Yoga lwango-2025, iChatsworth — elokishini elineminyaka engu-62 elinabantu abangaphezu kuka-200 000 — kube ukukhetha okuhle ukuqalisa iYoga Mahotsav 2026.
Umcimbi wokwethulwa kwayo ube ngoMgqibelo, 21 Mashi, eWoodhurst Sports Ground, maphakathi neChatsworth.
Luqondane kahle nosuku Lwamalungelo Abantu, iholide lomphakathi elaqinisekiswa eminyakeni engu-30 eyedlule ngesikhathi sokubusa kwentando yeningi eNingizimu Afrika.
“IChatsworth, elinye lamalokishi abaluleke kakhulu emlandweni wabantu baseNdiya — manje eliyikhaya lomphakathi ohlukahlukene.
“Liyindawo efanele ukuqalisa uSuku lwe-Yoga lwango-2026. I-Yoga ikhuthaza impilo nokunakekelwa okuphelele komuntu, okuyizimiso ezijulile emphakathini wethu”
“Silindele ukubona abantu abaningi abavela ezizindeni ezehlukene, njengoba iChatsworth yaziwa ngamandla ayo kwezemidlalo namasiko,” kusho iNkosi uRamlutchman.
Izakhamuzi, imindeni, intsha, amaqembu abantu abadala, kanye nabo bonke abathandi be-Yoga bayamenywa ngobuqotho ukuba babambe iqhaza.



