Izindaba

Asephinde agasela amaphoyisa emzini kaMthibeli

Sihle Mkhize

Iqale phansi impi phakathi kwamaphoyisa nosomabhizinisi uMnuz Calvin Mathibeli.

Kulokhu, amaphoyisa kuthiwa athole izimvumo zokusesha njengoba epetulula imizi yakhe ezifundazweni ezine.

Konke lokhu kumayelana nethenda okusolwa umkhonyovu kuyo eGoli.

Amaphepha athile nezinye izinto zithathiwe njengengxenye yophenyo.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMathibeli wathi azilime ziye etsheni kulandela isinqumo senkantolo enkulu yaseThekwini.

Lokhu kungqubuzana kusuka ezinsolweni zokuthi uMkhuzi wamaphoyisa kwaZulu-Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi ukhohlakele nokuthi uyakhokhelwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMathibeli wenkampani yonogada wabhala iheheba ebheca uMkhwanazi.

UMkhwanazi umelwe ugalagala lommeli u-Adv Muzi Sikhakhane.

Inkantolo ibiyalele uMathibeli ukuthi asuse zonke izitatimende azibhala kosocial media, axolise aphinde akhokhe nezindleko zecala.

Okwamanje okaMathibeli uthi ngeke axolise. Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni.

Related Articles

Back to top button