Izindaba

Zilandwe emzini womuntu izinkomo ezebiwe 

Liyah Mseleku

Balahlwe elasemakubo ngezinsuku ezimbi zaKhisimusi abasolwa ababili ababanjwe nemfuyo entshontshiwe.

Amaphoyisa asesifundazweni iKwaZulu-Natal, eBulwer, abhadame labasolwa abakhonjwa ngenjumbane ekutholakaleni kwemfuyo engu-21.

Babanjwa nje, bekunomkhankaso eHlabeni naseSdangeni.

Khonamanjalo, bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela abasolwa abangu-1 525 esifundazweni iLimpopo ngamacala ahlukahlukene.

Amaphoyisa akulesi sifundazwe abesemshikashikeni i-Oparation Shanela eqale ngoMsombuluko mhla ka-15 NgoMsombuluko.

Phakathi kwabasolwa ababoshiwe kunabasolwa ababanjwe nezibhamu ezingekho emthethweni (4), ababanjwe nezikhali ezinhlobonhlobo ezahlukene (24), abadayisa ngezidakamizwa (11), abadayisa utshwala bengenazincwadi (84), ababanjwe nezidakamizwa (61), abashayela bedakiwe (99), ukulimaza impahla (43), namanye amaningi.

Esifundazweni iMpumalanga nakhona amaphoyisa abengazibekile phansi.

Abophe abalisa abayisishagalombili babuya nezibhamu zohlobo lwe-AKA 47 kubasolwa abahlanu, iziqhumane kanye nezimoto ezintathu ezebiwe.

Ngesikhathi abakwasidlodlo bethola ukuthi bacashephi abasolwa bazame ukubaleka ngeshwa bavinkezelwa babanjwa baboshwa.

Baphakathi kweminyaka yobudala engu-29 no-51, babanjwe Vosman.

Related Articles

Back to top button