Ezokungcebeleka

Lisenkantolo elikaCoffee noNota ngomuzi ka-R157 million 

Philasande Luthuli

Ufuna amademeshe enani lika R25 000 Black Coffee osola ushwashwi wasezinkundleni zokuxhumana uNota Baloyi ngokumphula umphefumulo.

Kumanje icala lisenkantolo enkulu eGoli lapho uBlack Coffee ebheke khona ubulungiswa.

Icala asolwa ngalo uNota abaningi abamazi ngokushadelwa umzwilili Berita asebahlukana naye.

UNota uthi indlela uBlack Coffee athenga ngayo isithabathaba somuzi oseCape Town obiza uR157 million sinobushompeshompe.

Wathi kumele kumele kwenziwe uphenyo oluphuthumayo ukuthola ukuthi uBlack Coffee ukwaze kanjani ukuthenga lesi sithabathaba.

UBaloyi uqhuba uBlack Coffee usebenzise indodana yakhe u-Esona Maphumulo ukufihla izimpahla okwakufanelwe zitholwe u-Enhle-Mbali Mlotshwa asanda kuklebhula incwadi yomshado naye.

UBaloyi uthi lokhu kuwukukhwabanisa.

Emaphepheni asenkantolo abammeli bakaBlack Coffee bayalela ukuthi uBaloyi agcine ngci ukuhambe ekhuluma ngegama likammangali ezinkundleni zokuxhumana.

Uphinde wanqunyelwa ugwayi katiki eyalelwa ukuthi akungapheli amahora angu-24 engazisusile izinkulumo ezihlambalaza ummangali.

Ngaphezu kwalokho akhiphe nesixoliso.

UBaloyi naye ubuyise izinduku kuBlack Coffee efuna isinxephezelo senani lemali esifanayo.

Emaphepheni asenkantolo uthi uBlack Coffee wafonela unina osekhulile emsabisa.

Amaphepha anxenxa inkantolo ukuthi uBlack Coffee nethimba lakhe bapheze ukubasabisa

Related Articles

Back to top button