
Kuhlehle umjaho wamahhashi kubhilite amatele
Morgan Ngwazi
Bagqemeke engeqiwa ntwala abathandi bezemidlalo njengoba abagqugquzeli bomjaho weSintu iHarry Gwala Summer Cup bewuhlehlisile kulo nyaka.
Lo mjaho wamahhashi bekumele ube ngoMgqibelo, mhla ka-22 November, eKilimon, e-Underberg.
Lesi sinqumo silandela ukwanda kokukhathazeka mayelana nokusabalala kwesifo iFoot and Mouth Disease (FMD) esihlasele izifunda zaKwaZulu-Natal.
I-Underberg Farmers Association iveze lokhu kukhathazeka ngokusemthethweni encwadini ebhekiswe kubagqugquzeli.
Ibinxusa ukuthi kubuyekezwe lo mcimbi kubhekwe ubungozi kwimfuyo kanye nomnotho wezoLimo.
Lo mcimbi uhlelwe wuMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, iKZN Traditional Horse Racing Association, uMasipala wesiFunda iHarry Gwala, noMasipala wendawo iDr Nkosazana Dlamini-Zuma (NDZ) ngokubambisana nezinhlaka ezithile.
Kuvunyelwene ngokuthi, ukuze kugwenywe noma iyiphi ingozi engase ibe khona akuhlehliswe ukuze kuphephe wonke umuntu.
Isifunda sase-Underberg sithembele kakhulu kwezoLimo, ikakhulukazi ukukhiqiza ubisi.
Ngenxa yalokhu, abahleli bakhethe ukubeka eqhulwini ukuphepha komphakathi kanye nokuvikelwa komkhakha wezoLimo wendawo.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uMnuz Mntomuhle Khawula, uthe: “Yize sikuthokozela ukulangazelela kanye nesasasa elikhona ngeHarry Gwala Summer Cup, umsebenzi wethu omkhulu ukuvikela impilo yemiphakathi yethu kanye nesithunzi somnotho wethu wezoLimo”
Kuzophinde kwenziwe isimemezelo mayelana nokusingathwa kabusha kwalo mcimbi.



