
USihlalo we-ANC ecaleni lokubanjwa imoto yemali
Liyah Mseleku
Zimkhalele uSihlalo weqembu le-African National Congress (ANC) ozame ukubamba inkunzi imoto ethwala imali ngempelasonto.
Leli qabane elingeke lidalulwe igama lalo kuze kube livela enkantolo lilahlwe abakubo ngesikhathi bevinjezelwa amaphoyisa.
Lesi sigameko sokubanjwa kwemoto ethwala imali senzeke esifundazweni saseLimpopo phakathi kweBronkhorstspruit neBapsfontein emgwaqweni u-R25.
Kuthe uma ebanjwa lo msolwa kwatholakala ukuthi unguSihlalo weGatsha le-ANC laseMoutse, e-Elansdoorn kumasipala i-Elias Motsoaledi.
Abanye abasolwa ekade ehamba nabo kuthiwa basagcwele amathafa.
Khonamanjalo, kuboshwe abesifazane ababili e-East London ngezinsolo zokudlwengula umfana oneminyaka engu-11 abamaziyo.
Amaphoyisa athi abesifazane, bobabili basemijondolo yaseSinqawunqawini, baboshwe ngoLwesibili ngemuva kokuba unina wengane ebike ngesigameko.
Umama uthe wathatha indodana yakhe wayiyisa esiteshini samaphoyisa wabe eseyiphuthumisa esibhedlela ngemuva kokukhala ngezinhlungu yamtshela ngokwenzekile.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) uLuxolo Tyali ukuqinisekisile ukuthi abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yase-East London ngoLwesine.
Icala lihlehlisiwe ukuze bafake isicelo sebheyili ngokusemthethweni.
Isishoshovu samalungelo ezingane, uMnuz Petros Majola, sinxuse abasolwa ukuthi banqatshelwe ibheyili.
“Sifuna umbuso uwathathele phezulu amacala afana nalawa, kungakhathalekile ukuthi abasolwa bangobani,” usho kanje.



