Izindaba

Ziyakhala kuBrig Mkhwanazi evela kwiCCTV ‘ezishova’

Sihle Mkhize

Bashaywe ngamahloni baswela umgodi wokucasha kwiMadlanga Commision kuvela ivideo kuCCTV enoBrigadier Julius Mkhwanazi ezenzweni zobugebengu.

Kule video kuvela uJulius Mkhwanazi ‘besebenza’ eMeyerton nokuyindawo engaphandle komngcele abelwe yona ngokomsebenzi.

Okuthushayo wukuthi uMkhwanazi namanye amalunga e-EMPD babonakala besina bezibethela ngecopper nohlobo lwamatshe abizayo.

Emva kokuba lesi sigameko senzekile kwavulawa icala kwaboshwa amaphoyisa ayehamba noMkhwanazi.

Umnikazi wendawo kuthiwa waphuthuma ukuyogcina amavideo angubufakazi kwathi mhla esebuya lamaphoyisa ngenhloso yokucisha ubufakazi afika sekufakwe ihard drive entsha.

Ngokuhamba kwesikhashana abasolwa bededeliwe kulesi gameko kwabe sekushona ngokudutshulwa umnikazi wendawo okwatshontshwa kuyo amacopper.

Kusolakala ukuthi wabulawela ukuthi wanika abaseshi ivideo ebaveza obala ezezweni zobugebengu.

Kule video kuvela nezimonto zakwa EMPD ababehamba ngazo.

NgoLwesihlanu isikhulu se-EMPD uJabulani Mapiyeye uveze ukuthi uMkhwanazi usolwa emacaleni okubulala, ukuthatha imali kubantu, ukuthumba, ukweba nokuphanga.

Related Articles

Back to top button