
‘Ubufakazi’ iphoyisa liphuma lifumbethe kwaMolefe
Liyah MselekuĀ
Basale bekhexile abaningi kwiMadlanga Commission kuvezwa ivideo eyibufakazi kuCCTV emzini kaKatiso Molefe, noSergeant Nkosi efika ngemoto yohlobo lweBMW emhlophe.
Le moto kuthiwa ngeyase hhovisi likaLieutenant General Shadrack Sibiya.
UNkosi wafika ezishayela nje kodwa uma esephuna wabonakala esephethe ipaperbag emhlophe ebukeka inokuthile phakathi.
Wachitha isikhathi esingangemizuzi eyisishagalolunye kulo muzi wase ehamba.
Lesi sigameko senzeka ngoDecember 2024.
ULieutenant General Dumisani Khumalo obethula ubufakazi kuMadlanga Commission uthi lesi sikhwama esiphethwe uNkosi asibukeki sisinda.
“Kunezindlela ezithile zokuhlaziya isimo esinje, kuyabonakala ukuthi kukhona okuthile phakathi. Okubi wukuthi akukhanyi ngaphakathi ukuze kubonakale uhlobo loshokolethi abaphakathi,” kuntela uKhumalo.
Kobunye ubufakazi obuqanda ikhanda obuthulwe uKhumalo uveze ukuthi uzakwabo uSibiya akahambi ngeBMW ayinikwa wumbutho wamaphoyisa.
Akwaziwa ukuthi ngasiphi isizathu kodwa ugijima ngengqovungqovu kaStuart James Scharnick, okuthiwa udume ngokufuna izimoto.
Kuthiwa Scharnick lo yingxenye yonogada bakaSibiya.
Kube sekuvezwa uxhaxha lwamacala wakhe.
Kuphinde kwagqama nokuthi abantu abangonogada bakaSibiya kumele ngabe amaphoyisa aqashwe ngaphansi kweSAPS.
Lokhu kusho ukuthi ugadwe ngabantu abangafanele ngokomthetho wamaphoyisa.



