Ezokungcebeleka

Uzibuyise zishisa izinduku uJub Jub kuKelly

Amanda Mjaja

Usezibuyise zishisa ngokushiwo ngaye uMolemo “Jub Jub” Maarohanye ukuthi akanamsebenzi walutho.

UJub Jub waziwa njengomculi nomethuli wezinhlelo kuthelevishini kanti unengane yomfana uChristian noKelly Khumalo.

UKhumalo wakhuluma amazwi alumelayo kuJub Jub kwiPodcast ethi akanamsebenzi walutho.

“Ngiyabonga ngokuba umama oqotho enganeni yami, ngibonga ukuthi ubekhona mina ngingekho,”kusho uJub Jub.

Uqhubeke wathi: “Lena yokuhamba uqamba amanga ngami ayilungile. Sengimangele ukuthi unyaka ungaphela ulokhu uphatha igama lami kumaPodcast. Yekela lento yokuthi uma ubheke umfana wami uthi ukukhumbuza mina ubese ukhiphe ukudinwa enganeni,” kusho yena.

“Ucabanga ukuthi ingane izothini uma ukhuluma kabi ngobaba wayo,” kusho uJub jub.

Uveze indaba yokuthi kade babehamba izinkantolo ngendaba yabo bobabili akafuni ukuthi ayengane ayise enkantolo.

Uphinde waveza ukuthi uKelly akafuni ahlangane nengane yakhe bamzina nommeli wakhe waseNdiya.

“Sonke isikhathi mangithi ngifuna ukwenza okulungile uyangivalela ngaphandle. Ngesikhathi ngisejele kusukela ngo-2014 ngangiphathisa izipho njalo ngoKhisimusi, “kuqhuba yena.

“UChristian ngeke angihlule ngicela ingane yami, yekela ukungenza ubaba ongasekho emhlabeni ngisaphila”

Uphinde waveza ukuthi bake baya enkantolo ngalolu daba bahluleka kanti ke wazama amaPodcast amaningi ukuthi amlekelele kulolu daba.

Related Articles

Back to top button