
Kubulawe usomatekisi obenukwa ekwebeni imfuyo
Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi obedumile esifundazweni sase-Eastern Cape ehamba nomngani wakhe ngoMsombuluko.
Lesi sigameko senzeke ngezikhathi zabo-2 ntambama endaweni yase Jekezi, eNgqamakhwe.
Amaphoyisa akulesi sifundazwe aqisikisile lokhu ngoLwesibili ukuthi impela kuzingelwa ababulali.
“Endaweni yesigameko amaphoyisa athole imoto emhlophe yohlobo lweToyota double cab imbobombobo yizinhlambu,” kusho uWarrant Officer Majola Nkohli.
“Esihlalweni esiduze nomshayeli bekunesidumbu sidutshulwe kwesingenhla. Isidumbu sesibili sitholakale sidindilizile emgwaqeni owubhuqu naso sidutshuliwe. Sona besiqhele ngebaangana nje,”
“Kusatholakale ukuthi baneminyaka engu-37 no 42, nokho basazohlonzwa kahle,”
Uphenyo olufishane ngokweDaily Dispatch luveze ukuthi ababulali bebehamba ngemoto emhlophe yohlobo lweSuzuki SUV.
Umshayeli wayekade engusihlalo wasoseshini khona endaweni. Kuze kube manje bekungakaboshwa muntu.
Ngokombiko wamaphoyisa oyimfihlo umufi ubesolwa ngokuthatha imali kubantu ngo’dli’, ukuntshontsha imfuyo phakathi kokunye.
Umshayeli (somatekisi) bamqedele ngenhlamvu esephumile emotweni ezama ukubaleka kanti lo abehamba naye uphelele kuyo imoto.



