Ezemidlalo

Izinkunzi zaseSoweto zikhishwe esibayeni sezithembile

Ikhishwe sekukhahlelwa amaphenati i-Orlando Pirates, uYanela Mbuthuma egeja iphenathi yokugcina okuyenze yasala esigabeni sokuhlunga.

Ihlulwe yiSt Eloi Lupopo ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi kade inqobe ngo 3-0 emdlalweni ukuze kuyiwe kumaphenathi.

Kulapho ke kufike kwayibhimbela khona seyithembile njengoba ivamise ukwenza kahle kumaphenathi.

Beyivele ingene enkundleni ibhekene nomqansa njengoba bekumele ikhave u3-0 eshaywe ngawo eDR Congo ngempelasonto edlule.

Ikwazile ke ukuwuphendula lowo mphumela, ishaya amagoli amathathu – ashaywe ngoMasindi Nemtajela, uMbuthuma no-Oswin Appollis.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi wePirates u-Abdeslam Ouaddou uthe uphelelwa amazwi kodwa wabonga abadlali ngokuzikhandla kwabo.

“Akubanga ngokwanele ngoba besikumaphenathi ekugcineni. Bawenzile umsebenzi, bekungelula ukushaya amagoli amatathu – sakwenza lokho.

“Baziphathe kahle kulo mdlalo – kumele ngibabonge ngokuzikhandla. Ngendlela esidlale ngayo bekumele sithole okungcono.

“Iqembu ebelingcono alizange lidlulele phambili. Siyababongela. Thina sisenomsebenzi okumele siwenze ngoba kusenezinye izindebe esizozidlalela.

“Siyiqembu elikhulu ukuthi singabi bikho kwiChampions League,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo.

Lisenethini.co.za

Related Articles

Back to top button