Izindaba

Ubumayemaye inkabi idubula owamakhaza enomndeni

Siqhuma phezulu namanje isililo emndenini kaMnuz Zwelibanzi Mchunu (44) eNtiyane, eMbumbulu, odutshulwe wabulawa yindoda engaziwa kwakhe.

Kubikwa ukuthi umsolwa uqede ukugila lomkhuba wase ebaleka ngemoto yohlobo lwe-VW Polo.

Kuvele ukuthi lenkabi ibiqonde ngqo umufi ngoba abekade ehleli nabo ayibenzanga lutho.

Umsolwa omdubulile kuthiwa akaziwa emphakathini futhi ubengazifihlile ebusweni.

Iphephandaba eliphuma nsukuzonke likhulume nowomndeni okuyindodakazi kamufi, uNksz Slindile Mchunu, ozwakalise ukushaqeka ngesihluku okubulawe ngaso uyise.

Uthe badidekile ukuthi kungani ebulewe ngoba ubengenanxa namuntu futhi engazibandakanyi nezinto ezingalungile zasemphakathini.

Uthi uyise ubesanda kuqala ibhizinisi lamakhaza ngemali ayithole eyeka umsebenzi angathandanga ukuwudalula.

Uveze ukuthi bekuyizithuba zehora lesishiyagalombili ebusuku ngesikhathi kupaka imoto eyi-VW Polo emnyango.

“Asizange sicabange ukuthi le moto izokwenza into embi kubaba. Lo muntu ungqongqozile endlini wathi ubaba masimvulele. Esengaphakathi, akakhulumanga lutho, udubule wabhekisa nje ngqo kubaba amahlandla amaningi,” kuchaza indodakazi.

Iqhuba, ithe okuxakayo ukuthi lo wesilisa ubehamba yedwa futhi engazifihlile nasebusweni. Utshele Isolezwe ukuthi ubeqala ngqa ukumbona lo wesilisa.

“Ubekade efake ikepisi elimnyama nje kuphela. Akabingelelanga futhi akashongo lutho,” echaza.

Uthe uphume ngesivinini endlini babange besabona nokuthi ishonaphi imoto ngoba unele waqala ukudubula nje base bayabelaka bengena emakameleni abo.

“Sinele sambona ekhipha isibhamu sase singena emakameleni. Bekukhona mina nobhuti wami njengoba umama engasekho emhlabeni,” echaza.

Kubulawa uMchunu nje, sezibonakala ziyinsakavukela izigameko zokubulawa kwabantu kule ndawo.

Esikhathini esingangonyaka, bangaphezulu kwabangu-20 abantu baseMbumbulu ababulawe ngokudutshulwa.

Related Articles

Back to top button