Ezokungcebeleka

Kusiphuke ezinye zezimpamde ebezimise uMaster KG 

Sphumelele Mjaja 

Usezinhlungwini uGgaogelo Moagi owaziwa ngoMaster KG ngokushiywa uproducer wakhe uCasswell Poutsho Ramothwala.

UCasswell Poutsho Ramothwala, owaziwa ngoCasswell P udlule emhlabeni mhla ka-27 Septhemba 2025.

Kubikwa ukuthi ushone ngemuva kokugula isikhashana.

UCasswell usebenze kakhulu noMaster KG kwezomculo, njengo producer wakhe.

UMaster KG usabalalise incwadi eqinisekisayo ukuthi uCasswell akasekho emhlabeni.

Le ncwadi uyisabalalise ekhasini lakhe kuFacebook. Ube esebhala umbalo othi: ” RIP My boy Casswell P life won’t be the same without you”.

“UCasswell ubeyilungu elibalulekile lomndeni waseWanitwamos Entertainment futhi ushiye uphawu olungasoze lwakhohlakala, ngekhono lakhe, uthando, nokuzinikela

embonini” kusho umbhalo wencwadi.

Iqhubeke yathi ubukhona kwakhe, ubuciko bakhe, nobumnene kuyokhunjulwa kakhulu yibo bonke ababenethuba lokusebenza naye.

Umndeni kaCasswell P ucele ukunikezwa isikhathi sokuzila njengoba kuyisikhathi esinzima kubona .

Imininingwane ephathelene nezinhlelo zomngcwabo izokwabiwa ngesikhathi esifanele.

Kubikwa ukuthi ubese khiphe ama-BANGERS afana noNgifuna Wena uphinde wasebenza nezintandokazi okubalwa uMakhadzi.

Abalandeli baka Master KG baveze ukudumala okukhulu ngoshiywa uCasswell P.

“Another incredible talent gone. This is so heartbreaking”, kusho omunye abalandeli baka Master Kg.

Related Articles

Back to top button