
Uyaveva uCassper ogilwe igoda umshayeli we-Uber
Sphumelele Mjaja
Umculi weHip Hop uCassper Nyovest usephumele obala washiya angalazi ngenkampani i-Uber Eats eyisola ngokweba isipho esibizayo abesithumelela kumngani wakhe.
UCassper ubese ethumela isithombe esihamba nombhalo ekhasini lika Facebook emva kwesehlo esimehlele.
“@uber @ubereats_za usuphenduke udoti. Izolo ngizame ukuthumela isipho kumngani wami ngisebenzisa i-Uber, umshayeli ubone kuncono ukuthi asintshontshe bese ethi usibuyisele emuva kimi,” ubhale kanje.
Lesi sigameko esenzeke simshiye ekhungathekile futhi edumele uCaspper okumdumaza kakhulu ukuthi usibikile lesi senzo kodwa siye sachithwa sanganakwa.
UDymon uhlonzwe njengumshayeli kubikwa ukuthi uqambe amanga ngokuthi ulibuyisele iphasela, elingakatholakali ngemva kwamahora angu-24.
“Wangilimaza usuku futhi wangilimaza nesenzo somngane wami ngoba wayejabule kakhulu” kusho uCassper.
Uqhubeke wathi ngeke aphinde asebenzise i-Uber Courier nakuba ethi akaqali ukugileka yile nkampani.
Abalandeli bakaCassper bazwakalise ukuzwela naye nokumehlele befuna le nkampani iphendule nokuthi kwenzeke ubulungiswa. nakho kwakhe futhi befuna ukuphendula kangcono kwezinsizakalo zokulethwa.
“Bangintshontshela ukudla nephasela mina futhi ayikho into ongayenza,”kusho omunye wabalandeli baka Cassper.
I-Uber ibingakaze iphendule ngalezi zinsolo ezishiwo uCassper.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



