Izindaba

Kubhekwe uDisemba ngegaraji likapetrol elakhiwayo eLovu

Sihle Mkhize

Sebezowuthela eduze upetrol nodiesel abantu abakhele ilokishi laseLovu namaphethelo.

Abantu bakule ndawo sebejwayele ukuhamba ibanga elingu-8 kuya ku-10 wamakhilomitha beyothela eWinklespruit, e7/Eleven, noma eDoonside.

Leli garaji lokuqala ngqa kule ndawo lizosiza ngisho nabashayeli abaqhamuka ezindaweni ezakhele iLovu okubalwa, uMgendwa, Fakazi, Adams, Umbumbulu nezinye.

Abenkampani eyakha leli garaji okuyiBisbug Civil and Road Markings bathi baqale lo msebenzi usukade umile iminyaka ecela kwemithathu ngenxa yokwehluleka kwenkampani eyayiqashiwe phambilini.

Nakuba bengathandanga ukuvela kwabezindaba bephawula kodwa bakuvezile ukuthi inkampani yabo yakha amagaraji amabili kapetrol okuyiCaltex me-Astron.

“Sifike kukhona enye inkampani ebesihlulekile, mabali amagama esiba matasa nawo i-Astron noma Caltex. Kungenzeka liqanjwe u-Astron,” kuchaza lo msebenzi.

Uthembise nokuthi kungase kushaye uDisemba libe seliphelile kwazise bazinikele ekuliqedeni.

Ngaphandle kokuphela kwalo kulindeleke ukuthi lidale amathuba emisebenzi emphakathini.

UMnuz Sipho Ndlovu owakhele le ndawo uthi bajabulile ngokubona leli garaji liphela.

“Uhamba ibanga uma uyothela upetrol, kuzoba ncono uma selila phambi kwethu. Okunye okuhle ukuthi lizodala namathuba omisebenzi kuqashwe nentsha yakule ndawo” usho kanje.

USanele Ngobese ongasebenzi ohlala eLovu uthe uthandazela ukuthi mhla kuvela amathuba omsebenzi nelakhe igama libe khona ngoba noma kanjani uzofesa.

Ngesikhathi iPurpose ifika abanikazi balo bebengekho.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button