
Uziphika uma ngentaba izinsolo zocansi umengameli wamaJaji
Jerome Thabethe
UMengameli wamaJaji e-Eastern Cape, uSelby Mbenenge, uveze ukuthi uhubhu likabhejane ukuthi wahlulumeza owesifazane owayesebenza ehhovisi lakhe.
Eqhuba uthi abukho ubufakazi obubambekayo mayelana nalezi zinsolo.
Kepha le yindlela yokumhlukumeza, ukuphula umoya nokudicilela phansi isithunzi sakhe.
UMbenenge, ungena kulolu bishi nje usolwa u-Andiswa Mengo owaveza ukuthi uMbenenge wake wamthumelela ngisho ubuntu bakhe obunezinwele ezimpunga ngoWahatsApp.
Lesi gameko senzeka ngoNovember 14 ngonyaka ka-2022.
UMengo uthi iJaji uMbenenge wambizela ehhovisi lakhe emthintatinta emuwotawota.
Kodwa ubufakazi obuthulwe esigcawini buyashayisana ngoba uthi lesigameko senzeka ntambama.
Kepha iJaji Mbenenge uthi wagcina ukumbona ekuseni nokho lwenziwa ucwaningo kwavela ukuthi abukho ubufakazi balokho.
UMbenenge ubuye wavula okuqoshiwe ngezinto ezazezenka ngalolo suku.
Uphikile ukuthi zikhona izithombe ayezithumelela ku-Andiswa eziveza izindawo zangasese, uthi konke lokho amanga.
Ephendula imibuzo ka-Advocate Griffith Madonsela uthi ukuqoka umuntu wesifazane akukhethi ngeminyaka.
Kepha uma esesigabeni sokuthi usekhule ngokwanele akunankinga ukungena kwezothando lwanoma iluphi uhlobo
UMengo ubalisa ngokuthi kubuhlungu ukuhlukumezwa umuntu omthembayo.
Ebuzwa ukuthi kuyenzeka yini uthi usesikhundleni esiphezulu kodwa ube nobudlelwano nomuntu osezingeni eliphansi.
Uthi kuyenzeka ngoba ukuba iJaji, akukho ukuthi usuhlukile kwabanye abantu.
Uthi selokhu ebhecwe ngobub3nde inyama engayidlanga uthi usefunde lukhulu empilweni.
Uthi uyakuqonda ukuthi akekho ongcono ngakho konke.
Ephawula mayelana nokuxhumana ku WhatsApp, kwakuyinto ejwalekile nokungeyona inkinga.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



