Izindaba

Imenenja yePSL iqhuqhwa amakhaza esesitokisini ngecala lokushaya intombi

Imenenja jikelele yePremier Soccer League (PSL) u-Andile “Ace” Ncobo uphinde walala ebaliwe ngoMsombuluko ngemuva kokuthi enqatshelwe ibheyili.

Umbuso usiphikisile isicelo sakhe sokudedelwa ngebheyili ngoMsombuluko ecaleni elishaqisayo lodlame lwasekhaya abhekene nalo.

UNcobo usolwa ngokushaya intombi yakhe, u-Anney Xala, oneminyaka engu-27 ubudala.

Le ntokazi esencane yamvulela leli cala, ithi wayishaya ngemuva kwengxabano efulethini labo abahlala ndawonye kulo eKempton Park ngoJuni 28.

Unqatshelwe ukukhululwa ngokushesha njengoba abashushisi bekhale ngokuthi angase aphinde enze elinye icala ngoba usekujwayele lokho.

Uboshelwa leli cala lokushaya nje uvele ungaphandle ngebheyili ecaleni lokukhwabanisa nokushushumbisa imali engu-R15 million okuyicala elihlobene nemali yePetroSA.

Umshushisi uTakalani Mukhumo utshele inkantolo ukuthi uNcobo “unokhanda ekwenzeni amacala,” ngakho ukumkhulula kuzothumela umyalezo ongafanele.

Lokhu kwenzeka yize ummangali, evule icala, waphinda washintsha umqondo efuna ukuthi leli cala lihoxiswe.

UNcobo, ohola imali engaphezu kuka-R200 000 ngenyanga ezincengela unxuse inkantolo ukuthi imkhiphe ibheyili ngebheyili, wathembisa ukuthi ngeke agxambukele kuleli cala.

Uthembise nokuthi ngeke abuyele kuleli fulethi abahlala kulo ukuqinisekisa ukuthi akahlangani nommangali.

Noma kunjalo umbuso awuzange usajika, waxwayisa ngokusetshenziswa kabi kohlelo lwezobulungiswa.

Lisenethini.co.za

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button