Izindaba

Ukele lwamabhokisi amalunga e-EFF ashone engozini yebhasi

Aphe Gcwabe

Abekwe endaweni yawo yokugcina amalunga eqembu le-Econimic Freedom Fighter (EFF) ashone engozini enyantisayo yebhasi eVryheid kuR3

Umngcwabo ubuhanjelwe nawuMengameli weqembu uJulius Malema.

Abeyishumi amabhokisi abekelile kubhazabhaza wetende obekukhona kuwo noNgqongqoage wezokuThutha nokuHlaliswa kwabantu uSiboniso Duma.

UDuma uwakalise ukudabuka namazwi enduduzo emindenini naseqenjini i-EFF.

“Simoya munye futhi sizwakalisa ubuhlungu sithi abahambe kahle” kusho uDuma.

Phakathi kwizisulu ezishonile kule ngozi yebhasi ishayisana neloli kubalwa uSboniso Manqele, Gcwalisile Sibisi, Nhlalonhle Khumalo, Thokozani Mashazi, Sbongakonke Mbatha, Florence Ndlovu, Phumlani Zulu, Lungani Mbatha, Thethelele Dube noSiyanda Thwala.

Leli bhasi libulala abantu nje lalibuya kwimibhiyozo yokugubha usuku lwentsha.

Ngaphandle kwezisulu ebezingcwatshwa kunabanye abayishumi abalimele kanzima baphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene.

Abagibeli abangu-22 bona bathole imihuzuko, abayisithupha baphuma bengenamyocu kanti abashayeli basindile nakuba bedluliselwe ezibhedlela.

Kwenzeka lesi sigameko nje iKZN isazikhotha amanxeba kulandela ukudllula emhlabeni kwabafundela ukushayela anabhanoyi engozini.

Abagilwa abathathu bandize ngebhanoyi besuka eVigirnia Airport, eThekwini.

Ngokombiko kuvela ukuthi labagibeli bahlulekile ukufika lapho belibangise khona.

Le ndiza yayigcine ukubonakala indiza phezu kweLadysmith ibheke ePietermaritzburg noma eGreytown.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button