
Ubadidile uDijana kwiComrades edabula phambili
Philasande Luthuli
Sekuwumlando ukuthi uTete Dijana waseMahikeng, eNorth West, ukhale wemuka nesicoco se-2025 Comrades Marathon.
Ushaye intambo ngesikhathi esingu 05:25:28 eshiya Piet Wiersma owawina lo mqhudelwano ngonyaka odlule.
UDijana unqoba nje useke wanqoba amahlandla amabili ngaphambilini.
Kwakungunyaka ka-2022 no-2023 kwathi ngonyaka odlule wayophuma kude le kunombolo 14.
UGerda Steyn yena unqobe kwabesifazane kulo nyaka, ushaye isikhathi esingango-05:51:19.
Njengamanje uSteyn nguye oqhoqhobele irekhodi leComrades ukwehla nokunyuka.
UNikolai Volkov ulale isithathu ngo-05:29:40.
UTete Dijana ekhuluma nabezindaba uthe konke bekuhleliwe:
“Ngaphambi kokuthi sisuke ekhempini ngoLwesine umqeqeshi wasinika imiyalelo namaqhinga. Ngebhadi akulunganga kukaputeni wami”
“Imizuzu engu-30 yami yokuqala ibinzinyana. Bengingakutholanga ukulala okwanele izolo angazi noma ukukhathala noma yini,” kokunye akushilo emuva komjaho.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uGayton McKenzie ekhuluma nabezindaba ePeople’s Park, eThekwini uthe akagculisekile ngenani lomklomelo weComrades Marathon.
“Angigculisekile ngemali ewinwayo. Izinga lomqhudelwano alihambisani nomklomelo,” kusho uMcKenzie.
IMeya yeTheku uCllr Cyril Xaba ijoyine uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli, uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko esifundazweni uMtomuhle Khawula kule Comrades Marathon.
UXaba ubonge izakhamizi zaseThekwini ngokwamukela izihambeli ngezandla ezifudumele.
“Kulo nyaka bangaphezulu kwa-22000 abagijimi nabalandeli abangaphezu kwa-25 000. Lokhu kukodwa kuzoletha uguquko emnothweni wedolobha”
“Nedolobha lizibeke ezingeni elihle emhlabeni jikelele,” usho kanje.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



