Ezokungcebeleka

UMthandeni obishini lokukweleta uR40 000 abahleli bomcimbi

Bayifuna iphelele abahleli bomcimbi imali eyakhokhelwa umculi kaMaskandi uMthandeni isamba sika-R40 000 kodwa wangalubhada.

I-Blue Screen Entertainment ifuna imali yayo kumculi kaMaskandi uMthandeni Manqele owaqashwa kepha wangafika emcimbini.

Ngokwe Blue Screen Entertainment ithi bayishaya yaphelela imali aqashwa ngayo lomculi okungu-R40 000.

Ngombiko weTimes Live baqala bamnika i-deposit ka-R20000 base bekhokha ingxenye eyayisele okungu-R20 000 ngaphambi kosuku lomcimbi.

Blue Screen Entertainment ithi ngesikhathi bekhuluna ne-Manager kaMthandeni yathei bahluleka ukuyibuyisela emuva ngokushesha imali base beyakhohlwa.

Yengeze ngelokuthi i-manager kaMthandeni yayiqinisekisile ngosuku olandulela umcimbi ukuthi bazobe bekhona.

Abahleli nomcimbi bathuka koma sasozwanini uMthandeni owayebhelwe ngabovu engabonwa nangokhalo kodwa wakhetha ukuyonandisa kuMetro FM Awards.

Okubaphatha kabi kakhulu abahleli bomcimbi wukuthi abaphathi baMthandeni abazange babazise ngokushintsha kwabo umqondo babona ezinkundleni zokuxhumana njengawowonke umuntu.

Lo mcimbi wawubanjelwe eMoses Mabhida ngomhla ka-3 kanti uRick Ross kwakunguye umculi ophambili.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button