
Owe-Arrows ophukile engozini ephuthunyiswa esibhedlela
Ibhadi liyakwazi kubo kwalo umdlali weLamontville Golden Arrows ophuke enkundleni evelelwa yingozi ne-ambulensi ebimphuthumisa esibhedlela.
UVelemswni Ndwandwe ongomunye wokaputeni be-Arrows akazange alibone iqembu lakhe linqoba ngo 3-1 kwiSekhukhune emdlalweni weligi obungoMgqibelo ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Esiwombeni sokuqala uNdwandwe udlaliseke kabi kuShaun Mogaila okuphoqe ukuba aphuthunyiswe esibhedlela.
Unompempe akananazanga wamkhipha ngekhadi elibovu uShaun Mogaila.
Ngesikhathi uNdwandwe ogijima esiswini kwi-Arrows esendleleni ebheke esibhedlela, i-ambulensi abehamba ngayo ivelelwe yingozi yomgwaqo.
Lokhu kuqinisekiswe, uManqoba “TV” Mngqithi, owumqeqeshi we-Arrows ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kwalo mdlalo odambise uvalo ngezembe kuBafana Bes’thende.
“Nizwile ukuthi kwenzekeni uNdwandwe endleleni ebheke esibhedlela?” Ubuze kanje uMngqithi obephendula umbuzo wabenzindaba ngesimo salo mdlali ophuke esiwombeni sokuqala.
“I-Ambulensi abehanjiswa ngayo esibhedlela ibe sengozini kwalimala abantu. Kuthiwa kukhona abalimele kwi-ambulensi abehamba ngayo.
“Yena akazange athinteke engozini uma besho yize singakazi ukuthi ukulimala kwakhe kuzomhlalisa isikhathi eisingakanani engadlali,” kusho uMngqithi.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



