Zihlabana amalunda eqenjini leMK Party
Aphe Gcwabe
KUXABENE ubendle eqenjini iMKP uMnuz Jabulani Khumalo uthi leli qembu ngelakhe uMnuz Jacob Zuma akahlangene.
UKhumalo uthi ufuna i-IEC imsuse uMsholozi njengobuso beMK.
UKhumalo ukhiphe incwadi lapho echaza khona ukusuka nokuhlala kokubhaliswa kweqembu nokuthi uMnuz Zuma wangena kanjani kulo.
Uthi wazisungulela yena ngonyaka odlule (2023) walibhalisa kwa-IEC ngezi September 7.
“Ngaphambi kokuba ngilibhalise iqembu ngacela izeluleko kowayengu Mengameli uMnuz Jacob Zuma. Engeluleka wathi, mangisungula iqembu mangiqinisekise ukuthi kuba yiqembu elihlobana ne ANC ngoba iyiqembu elidumile nelaziwa ngabantu,” usho kanje.
Eqhuba nencwadi kuvela ukuthi igama leqembu laqhamuka noZuma elithi Umkhonto weSizwe.
“Mina bengehla ngenyuka ngilibhalisa. UZuma bekunguye obebhekelele izindleko zokubhaliswa kwalo kwa IEC. Kunabantu abakhipha R705 000 ngeke ngibadalule. UZuma wabe esethi kimi leli qembu masilethule ngokusemthethweni ngezi 16 December 2023, ngavumelana nalowo mbono ngempela kwenzeka lokho. Sonke lesi sikhathi besazi ukuthi uZuma useyilungu le ANC azokwenza, ukukhankasela iMK aphinde ayivotele, njengoba amemezela ngezi 16 December 2023,” kuqhuba lencwadi.
UKhumalo uveze ukuthi I-MK Party inobuholi obuphezulu besikhashana futhi unamaphepha asho njalo. n
“Bengilokhu ngizwa ngamahlebenzi athi uZuma ufuna ukulidla leli qembu ngangawanaka ngoba ngazi ubudlelwane bami obujulile noZuma. Ngo-April, kulowo mhlangano uZuma wamemezela ukuthi mina kangiseyena umengameli weMKP. Wathi kusukela lapho sekunguye unengameli,” enaba uKhumalo.
Uveze nobelufihliwe ukuthi kulowo mhlangano kwakhishwa incwadi ekokoteliwe ezoyiswa kwa IEC, ibhalwe ukuthi usekhishiwe ohlwini lwabazoya ePhalamende.
Uthi wayithumela leyo ncwadi kwa-IEC kodwa akaze avume ukuthi uZuma usenguMengameli weMK.
Uphethe ngokuthi unolwazi lokuthi emuva kokhetho leli qembu lizonikwa umholi othile ukuba alihole.
Ukhetho lukazwelonke luzobanjwa ngo-Ephreli 29.