Ifihlwa kuleli sonto iRose of Soweto ebunile
KWANDE kaZIKIZA
INKAKHA yesibhakela uDingaan “Rose of Soweto” Thobela, ezofihlwa ngoLwesine ingelinye lamaqhawe elijabulise abantu baseNingizimu Afrika ngokuningi njengoba izwe ligubha iminyaka engu-30 lathola inkululeko.
UThobela watholwa efulethini lakhe eshonile ngoMsombuluko odlule.
Inkonzo yomngcwabo izobanjelwa eDlamini Multipurpose Hall eSoweto kusukela ngo-8 ekuseni. Uzobe eseyongcwatshwa emathuneni aseWestpark.
NgoLwesibili kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo e-Arena Holdings eGoli ngo-11 ekuseni.
Ekuqaleni kweminyaka yama 1990s, uThobela ubengomunye wabashayisibhakela abagxisha uthando lwalo mdlalo kubantu abamnyama. Ubungqwele bakhe nogazi kwenza wathandwa yizona zonke izinhlanga. Ngisho noNelson Mandela, owayengumengameli wezwe, wayevamise ukumfonela uThobela amgqugquzele ngaphambi kwezimpi ngoba azi kahle ukuthi iqhaza lakhe libeka izwe ebalazweni.
Ngempela uThobela (57) uhambe emhlabeni elibekile emgangathweni igama lakuleli njengoba enqobe izicoco zomhlaba ezinkulu. Waqala ngese-WBO walandela ngese-WBA esisindweni se-lightweight wavala ngese-WBC kwi-supermiddleweight.
UThobela watholwa efulethini lakhe eGoli eseshonile. Yize asiyeka kudala isibhakela kodwa ubengaswele. Ubenebhizinisi lokungcwaba nelezindlu. Ushone ehlukanise nonkosikazi wakhe uSandra waseMozambiqe kanti bebebusiswe ngezingane ezimbili. Wake wathandana nomculi uWinnie Khumalo kanti banengane.
Wayeyingane yesithathu kwezingu-8 kanti abazali bametha igama likaDingane besusela egameni leSilo sakwaZulu esabusa ngemuva kokubulawa kwenkosi uShaka eminyakeni edlule. Ukhule ebiza isibongo sakwaMahlangu kodwa ngokuhamba kwesikhathi washintshela kwesikayise ongumTsonga waseChiawelo eSoweto.
Isidlaliso sokuthi uyiRose of Soweto saqhamuka ngoba wayevamise ukupha abesifazane izimbali ngaphambi kokungena eringini.
Leli qhawe lake labhala incwadi esihloko esithi Rose Of Soweto: The Dingaan Thobela Story lapho lenaba ngokukhula kwaso nokuthi lakwazi ukudlubulundela kanjani ebubheni nasezinswelaboyeni lakwazi ukufika emgangathweni.
Lala ngoxolo mfokaThobela, uyibekile indukue bandla.